I-IFP isola i-DA ngesiphakamiso “sokuketula” umkhandlu weTheku

356

LUCKY CAINĀ 

ZIYINDABA egudwini iziphakamiso ezahlukene ezifakwe ngokwehlukana ngamaqembu aphikisayo kuMasipala weTheku ngenhloso yokuba kuchithwe ubuholi balo masipala. IDemocratic Alliance (DA), ifuna kubizwe umhlangano ophuthumayo wosotswebhu bamaqembu mayelana nesiphakamiso sayo sokuthi kuhlakazwe umkhandlu ka-masipala. Ngakolunye uhlangothi, i-IFP ifake esokuba kugudluzwe imeya, uMnu Mxolisi Kaunda ngevoti lokungabethembi ubuholi bayo.

I-IFP kulo masipala isole iDA ngokufaka isiphakamiso kube kusekhona esayo sokuba kukhishwe uKaunda. ā€œBekungaba ngcono ukuthi isebenzele phezu kwalesi siphakamiso sethu kunokuqhamuka nesisha,ā€ kusho uNkosi.  

Uthe akulula ukuthi siphase isiphakamiso seDA uma ingavumi ukuzihlanganisa ne-EFF. 

UMnu Zwakele Mncwango we-Action SA, uthe isiphakamiso se-IFP besikahle, ngoba bekungeke kudingeke izibalo eziphezulu. 

ā€œEse-DA sidinga ukwamukelwa ngevoti labantu abawu-75%, kanti ese-IFP be-sidinga 50% plus 1, okuyinto engenzeka uma wonke amaqembu aphikisayo ehlangana,ā€ kusho uMncwango 

I-DA imemezele ngeledlule ukuthi isezinhlelweni zokuphakamisa ukuba kuhlakazwe umkhandlu weTheku, ibhalele usomlomo walo masipala, uMnu Thabani Nyawose, ifuna abize umhlangano ophuthumayo wosotswebhu bamaqembu.Ā Kule ncwadi ebonwe yileli phephandaba, leli qembu liveze ukuthi usomlomo kumele asisukumele lesi siphakamiso salo kwazise siyaphuthuma futhi sihambisana nomthetho olawula ukuphathwa komasipala baseNingizimu Afrika.Ā Ikhansela laleli qembu, uYogis Govender, osesigungwini esiphezulu salo mkhandlu, lithe, konke sekusezandleni zikasomlomo ukuthi uyisukumela kanjani le ncwadi.Ā 

KWESOKUNXELE, nguMnu Zwakele Mncwango we-ActionSA, phakathi, wubuholi beDA kanti kwesokudla nguMnu Mdu Nkosi we-IFP.

Previous articleKuphume isidumbu abeCPF bevinjezelwa yizigebengu
Next articleAbazali mabazame ukulanda izingane ezidube amakhaya