I-IFP iyaqhubeka nezinsongo zokuhlakaza uMasipala weTheku uma inqoba

266

PHUMLANI GAMA 

LIKHUMBUZE abantu baseNingizimu Afrika ukuthi yivoti labo kuphela eliyobatakula obhukwini lwenhlupheko isekela likamengameli we-IFP, iNkosi uMzamo Buthelezi ngesikhathi leli qembu linenguqnguthela yokukhankasela ukhetho eKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngeSonto.

Le ngqungquthela beyiqondene namalungu aleli qembu angaphansi kukaMasipala weTheku ngenhloso yokuzihlola amandla kulo masipala.

“Ivoti lezakhamizi zakuleli yilona elizokhulula abantu ngokuthi kufakwe uhulumeni omusha, ozoholwa yi-IFP. IFP inomlando omuhle ekuholeni uhulumeni nasekuhanjisweni kwezidingo. Kuningi okwenziwe ngumsunguli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ebizelwe eNkosini ngonyaka owedlule,” kusho uButhelezi. 

USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu uThami Ntuli (osesithombeni), uthe iqembu lakhe lizokuqeda konke okukhathaza imiphakathi yaseNingizimu Afrika nezinkulumo eziyizethembiso ezingafezeki. “Ngisakugcizelela ukuthi uma singena ezintanjeni, uMasipala iTheku sizowuhlakaza ukuze kunikwe imiphakathi yaseThekwini ithuba lokuqoka uhulumeni omusha. Kuningi abakwenzile okuyinkomba yokuthi behlulekile wukuletha izidingo. Basanda kwephuca ilungelo abantu abebephakela izikole, bathatha ithenda bayinika umuntu wabo owehluleka wukuthengela izingane ukudla ezikoleni. Kusize ukusukuma kwethu, sakhuza sababaza,” kusho uNtuli. 

Uqhube wathi izakhamizi zaKwaZulu-Natal kufanele zikuqaphele ukuqolwa kwamavoti azo okwenziwa wuhulumeni osemandleni. 

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleKukhuzwe umhombholo kubahleli bemicimbi kwethulwa owoGu
Next articleISilo “sinengwe” ngabakwabo sangalubhada emembulweni wetshe likanina