I-IFP ne-EFF badube inkulumo kaMeya weTheku

327
ISITHOMBE NGABE: SNP MEDIA

LUCKY CAIN

IQHUBEKE ngaphandle kwamaqembu amabili amakhulu, i-IFP ne-EFF, inkulumo kaMeya yaseThekwini uMnu Mxolisi Kaunda, yesimo salo masipala nezinhlelo zawo uma sekuqala unyaka wezimali ka-2024 no-2025.

La maqembu akhethe ukungalubhadi eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) ngoLwesibili ntambamba ngesikhathi uKaunda ethula le nkulumo yakhe. Akuzange kube nomthelela ukungabonakali kwamakhansela ala qembu, obekungenamuntu ezihlalweni zawo ngesikhathi uKaunda ethula inkulumo yakhe.

Ngaphambi kwale nkulumo, iqembu eliphikisayo kulo masipala iDemocratic Alliane, liqale labhikisha ngaphandle kwase-ICC, lizwakalisa ukungenami ngendlela lo masipala ophethwe ngayo futhi, linxusa abantu bakuleli dolobha ukuba bavotele ushintsho ngokuvotela iDA. Nakuba leli qembu liqale ngokubhikisha kodwa amakhansela alo akwazile ukuba yingxenye yale nkulumo.

UKaunda wethule inkulumo ebigcwele izethembiso ngezinhlelo lo masipala onazo ukwenza ngcono impilo yabantu. Uphinde wabalula nalokhu lo masipala okwazile ukukuzuza kulo nyaka wezimali ophelayo.

Phakathi kwezinhlelo azibalile, wukwethulwa kosonkontileka abazoqala umsebenzi ezindaweni lapho kulimale khona ingqalasizinda, nokwakhiwa kwezinxanxathela zezitolo eNtuzuma naseMbumbulu.

Ubalule nokulungiswa kwenkinga yamanzi elokhu iqhubeka nokuba nzima ezindaweni ezahlukene kulo masipala. Uphinde waphawula nangohlelo lokutholela abantu abasha izincwadi zokushayela njengoba eveze ukuthi lolu hlelo luzoqala ngenyanga ezayo.

UKaunda uveze ukuthi maduze kuzophela ngenxanxathela yezitolo eyabe idume ngokuthi yiThe Wheel, esiyaziwa ngokuthi yiChina Mall. Uthe abanikazi baleli bhilidi sebevumile ukuthi bazophuma kulo bese livuselelwa kabusha.

Uthembise ukuthi kuzophela ngezitolo ezingaqondakali eThekwini, ikakhulukazi emgwaqweni uMahatma Gandhi obuwaziwa ngePoint Road phambilini.

Inkulumo kaKaunda ibigabe ngezethembiso nokugcine kubukeka sengathi ubeqhuba umkhankaso wokhetho oluzoba sekupheleni kwephezulu ngenkulumo yakhe. Uphinde wayigcizelela eyokufakwa kwamakhamera ezindaweni lapho budla lubi ubugebengu, ngenhloso yokunqanda ubugebengu enkabeni yedolobha.

Previous articleAbaculi bakamaskandi sebephenduke amagidangoma uma benandisa emicimbini
Next articleKunzima kowebelwe usana ngowesifazane ‘obelugada’