I-IFP nekhwelo kuhulumeni “ngokuvinjwa” kwayo komasipala be-ANC

259

PHUMLANI GAMA

UHLABE ikhwelo uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa (osesithombeni), walibhekisa eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, ethi mawubizele ekomidini lokuqondiswa ubugwegwe izimenenja zomasipala abathile, abaholwa yi-ANC ngaphansi kowesifunda uGu, “ezigweve” nezindawo zokuba iqembu lakhe liqhubele kuzona imikhankaso yokhetho. 

Lokhu ukwenze ngesikhathi i-IFP ihlangene eMzimkhulu, ngoMgqibelo iyonxenxa amavoti. 

“Indawo esihlanganele kuyona namuhla siyinikwe ngumnumzane wendawo futhi ongelona nelungu le-IFP, ngoba ezwe kuthiwa sincishwa indawo. Umasipala uthe ngeke unikezele ngemvume yokusebenzisa inkundla ngoba ukuhlangana kwethu kuzokwenza ukuthi kungabikhona ukuthula. Umbuzo uthi, kukhona yini ukuthula lapha eMzimkhulu. Okubi wukuthi kabawuqali lo mkhuba njengoba emasontweni adlule bekwenzile nakuMasipala iKokstad. Siyazi ukuthi banovalo ngokungenisa kwendlovu. Izimenenja zalab’ omasipala ababili akufanele zivumele ukusetshenziselwa ukufeza izinhloso zosopolitiki,” kusho uMnu Hlabisa.

Uthe ne-IEC kuzomele ilusukumele lolu daba, wanxusa uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu Sboniso Duma nonobhala waleli qembu esifundazweni, uMnu Bheki Mtolo bayilungise ngokushesha le nkinga, ngoba ingadala umonakalo omkhulu kakhulu

“Thina siphethe omasipala abaningi kunabo (KwaZulu-Natal) futhi kasikaze sibavimbe. Ukuhlangana kwethu lapha akuthinti amalungu eqembu kuphela, kodwa kukhona nabantu abasuka emakhaya ngoba befuna ukuzwa kabanzi ngomqulu wethu wezethembiso zokhetho,” esho. 

Previous articleUzohlonishwa yinyuvesi ngeziqu uGcina Mhlophe
Next articleOkwenziwa ngamaqembu ezepolitiki kufana nokuhlikihla usawoti esilondeni somnyama