i-iron duke icacisa ngo-lorch norhulani

972

SENZO SOKHELA noMFANAFUTHI NDLOVU

USIHLALO we-Orlando Pirates u-Irvin “Iron Duke” Khoza ugcizelela eyokuthi kayikho iki-labhu esaxhumane naye ifuna uThembinkosi Lorch (ongenhla) e-Euro-pe. IBucs izobhe-kana neHighlands Park kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-18h00 e-Orlando Stadium, eSoweto. Iya kulo mdlalo nje, kunemibiko esabalele ethi uLorch angase alibhekise kwiClub Brugge yaseBelgium okuthiwa iyamfuna.
UKhoza ebuzwa yiLANGA ngalolu daba, uthe: “Okwamanje uLorch usengumdlali wePirates. Kayikho ikilabhu engike ngaxoxa nayo. Uma kukhona okubambekayo okwenzekayo ngeke ngifi-hle, ngizomemezela. Uzohlala, ngaphandle uma kungaba khona okunye okwenzekayo.”
Ebuzwa ngokunyamalala kukaRhulani Mokwena ongumsizi kaJosef Zinnbauer ongumqeqeshi wePirates, uthe: “URhulani wacela engakafiki kwakufika umqeqeshi kuleli ukuyokwenza izifundo zokuqeqesha phesheya. Uma ebuya uzoqhubeka nomsebenzi wakhe.
“URhulani usemncane futhi unekusasa eliqhakazile kwezokuqeqesha.”
Nokho uFloyd “Jomo” Mbele oyisikhulu esiphezulu seBucs ubetshele abeSAFM ngoLwesibili kusihlwa ukuthi uRhulani kungenzeka ukuthi washayeka ngokufika kukaZinnbauer kwiBucs yingakho acela ukuthatha ikhefu lezinsukwana lokuyophumula futhi akakabuyi kulona.

  • IKaizer Chiefs izolo imemezele ukuthi isisayinise umdlali wasesiswini odabuka eKenya, u-Anthony Akumu (27) (osesithombeni). Le kilabhu isanda kuhlukana noJames Kotei waseGhana kanti nesitobha uLorenzo Gordinho usejoyine iBidvest Wits.
Previous article‘Belidle amankwebevu’ iphoyisa likhipha isidumbu
Next articleI-sundowns idingise umdlali wase-argentina