I-Legal Aid isichithile isicelo sokumela iphoyisa lakwa-Metro elisolwa ngokubulala intombi yalo

168

THANDOLUHLE NGUBO

Lusichithile isicelo sikaConstable Sizwe Ngema sokuthola ummeli kahulumeni uhlaka olusiza abahlwempu iLegal Aid.

Lokhu kuvele namuhla eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngesikhathi uNgema evela kule nkantolo.

Ukuchithwa kwesicelo sakhe kuholele ekutheni athole ummeli ozimele, nokwenze ukuthi icala lakhe lihlehlele umhlaka 29 kuMbasa (April), lapho okulindeleke khona ukuthi afake isicelo sebheyili.

UNgema ubhekene necala lokubulala owayeyintombi yakhe uConstable Bianca Khuzwayo, ababesebenza naye esiteshini samaphoyisa kaMasipala weTheku e-Albert Park, ngenyanga eyedlule.

Ngemuva kokuguqa kwecala umndeni ka-Bianca uveze ukuthi uyafisa ukuthola ubulungiswa. Unina omdala ka-Bianca uNkz Mpume Khuzwayo ugcizelele kwelokuthi uNgema wayenenhloso yokubulala indodakazi yabo ngemuva kwesikhathi eside eyihlukumeza.

Ukubulawa kuka-Bianca kwabasematheni ngomhlaka 30 kuNdasa (March) nonyaka njengoba kuthiwa umsolwa wamgwaza, wabe esenameka isithombemnyakazo (Video) semizuzu yakhe yokugcina (uBianca).

Kulesi sithombemnyakazo kuthiwa kwakubonakala umbese okusolwa ukuthi umsolwa wamgwaza ngawo ubhajwe esifubeni sikamufi.

Umsolwa wabe eseboshwa ngalo lolusuku nokwavela ukuthi wahanjiswa ngumndeni wakhe emaphoyiseni

Previous articleZishiye umonakalo izimvula ogwini nesifundazwe
Next articleBane abashone ngemuva kwemvula enamandla eMargate