I-Leopards ivuke ngeBhakabhaka

306

MZWAMANDLA ZONDI

UTHULANI Hlatshwayo no-Innocent Maela bePirates bebhekene no-Ovidy Karuru weLeopards enqobe ngo-2-0 koweligi izolo eThohoyandou. 
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IVUKE nge-Orlando Pirates iBlack Leopards iyinenebula ngo-2-0 emdlalweni weDStv Premiership izolo ngeSonto ntambama eThohoyandou Stadium, eVenda.

Amagoli eLeopards avalelwe ngu-Innocent Maela ngomzuzu ka-29 okube wumkhonto ogwaze ekhaya noRodrick Kabwe ngoka-40

UMaela ungqofele leli goli nje, nguyena obedale ikhona eholele ekungeneni kwalo. Ibhola abethi ulikhiphela ngaphandle ngekhanda lingqubuze ipali, lase liphumela ngaphandle, kwadaleka ikhona ayingqofele ngakubo.

IBucs iye kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma njengoba ibalwa namakilabhu asembangweni wokudla ubhedu kule sizini. 

ILeoaprds ingene ensimini kuyiyona ebambe ibhuleki emsileni we-log. Ukunqoba kweLeoaprds kuyenze yasuka emsilweni we-log, osekuhleli kuwona iTS Galaxy ehlulwe yiChippa United ngo-Mgqibelo. 

IBucs ibithwele ngeqoma ukunqoba lo mdlalo njengoba inenebule iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) ngo-3-0 kowe-premiership ngoLwesithathu kuyona le nkundla yaseVenda. 

IPirates ibihlulwa okwesibili nonyaka njengoba iwuvule ngokuhlulwa yiMamelodi Sundowns yase idlala ngokulingana neSwallows kuba ngu-1-1.

IBucs iqhathwe neLamontville Golden Arrows kowe-premiership ngoLwesithathu ngo-17h00 e-Orlando Stadium, eSoweto. 

I-Arrows kayigayelwa mphako njengoba ingakaze yehlulwe selokhu kuqale isizini. 

NgoMgqibelo ihlule iTTM ngo-1-0 KwaMashu.

ILeopards yona izodudulana neCape Town City eThohoyandou Stadium ngalo uLwesithathu ngo-17h00. 

IBucs yamukele uThulani “Tyson” Hlatshwayo obengekho kowangoLwesithathu ngenxa yesigwebo samakhadi aphuzi.

UNtsikelelo Nyauza kuphoqeleke ukuthi akhishwe ngohlaka sekuzophela isiwombe sokuqala ngemuva kokulimala ekhanda. 

Indawo yakhe ithathwe nguHappy Jele ongukaputeni osejwayele ukuqala ebhentshini. 

Eqinisweni nje, iBucs ibihluleka ukudlala ibhola eyaziwa ngalo. 

UWayne Sandilands ongunozinti wePirates, uvimbe amabhola anzima, amanye awo obekuwoqekelele bamathuba. 

IBucs ibihluleka ingcaca ukumelana neminyakazo kaRodney Ramagalela no-Ovidi Karuru abebezishiblikela kubadlali basemuva bePirates.

Mayelana nokuphuma kukaNyauza ngohlaka uJosef Zinnbauer ololonga iBucs, uthe uthintekile nje kodwa akukubi. 

Umqeqeshi weLeopards uDylan Kerr uthe bazimisele ukuqhubeka lapho begcine khona uma sebedudulana neCape Town City ngoLwesithathu. Uthi ubatshelile abadlali ukuthi konke kusezandleni zabo ukuvikela isithunzi sekilabhu.  

IPirates ihlulwa nje bekuwusuku lokukhumbula uNkk Yvonne Mantoa Khotleng-Khoza obengunkosikazi ka-Irvin Khoza, odlule emhlabeni ngonyaka odlule.   

Previous articleHamba kahle Magutshwa!
Next articleKukhothame amakhosi elandelana