SENZO SOKHELA
IMARITZBURG United isezinhlelweni zokwelula inkontileka yomdlali wayo okuvela ukuthi ufunwa ngamakilabhu amakhulu akuleli.
URichards Ofori (26) ovimbela iMaritzburg odabuka eGhana kuvela ukuthi ufunwa uthuli yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
Lo mdlali naye uke waphumela obala ukuthi angakujabulela ukudlalela enye Yamakilabhu amakhulu kuleli inqobo nje iMaritzburg izohlafuna ngaye ngoba imthathe engelutho.
Leli phephandaba lithole ukuthi uFarook “Ntshebe” Kadodia umnikazi weMaritzburg uhlela ukuhlangana nalo mdlali babhunge ngokuthi elule inkontileka njengoba isisalelwe yisizini.
UKadodia ekhuluma naleli phephandaba uthe isimumi emphinjeni indaba ka-Ofori.
“Iyangicasula le nto ka-Ofori ngoba akukho ngisho elilodwa iqembu eselike leza kithina lasitshela ukuthi liyamfuna kumbe labeka okuthile phambi kwethu.
“U-Ofori usanenkontileka nathi esalelwe yisizini uma singayibali lena esamisiwe.
“Uma kudlula yonke le nto ngihlela ukuhlala nabaphathi bakhe siyelule ngoba sisamdinga.
“Nginethemba lokuthi ngeke kube nazihibe, uzokwamukela esizomnika khona,” kusho uKadodia.
UKadodia uthi akalile no-Ofori kodwa abantu abenze izi-nto ngendlela.
“Thina siyikilabhu engenabaxhasi ngakhoke asikwazi ukubamba umdlali uma kukhona ikilabhu emfunayo.
“Uma kukhona ongaqhamuka nemali ezongigculisa ngo-Ofori ngizomdedela.
“Kodwa ngizoqale ngibheke kuqala ukuthi yena ugculisekile yini ngemali ayinikwa yileyo kilabhu ngoba angifuni kube se-ngathi asinendaba naye siyamlahla nje ngoba sijahe imali.
“Uma kukhona ofuna u-Ofori akeze nemali ngizomnika,” kusho uKadodia.