I-MK isamile esinqumeni sokungayi ePhalamende

305

BHEKI NDLOVANA 

UMKHONTO Wesizwe Party (MKP) – oholwa nguMnu Jacob Zuma (osesithombeni) owayengumengameli waseNingizimu Afrika ngethikithi le-ANC – usamile kwelokuthi ngeke uwethamele umhlangano wokuqala wePhalamende emuva kokhetho lukazwelonke nezifundazwe obeluhla ka-29 kuNhlaba (may). 

Leli qembu liveze lokhu liphendula ngemibiko yabezindaba ethi selishaye ungqimphothwe mayelana nesinqumo salo elisithathe ngenxa yokungeneliseki kwalo njengoba lisola i-IEC ngokulikhwabanisela amavoti – lifuna kuqalwe phansi ukubalwa kwawo. 

Okhulumela leli qembu, uMnu Nhlamulo Ndhlela, ugcizelele ukuthi kabakashintshi esinqumweni sabo. Uthe ukwethamela kwabo umhlangano wePhalamende kuyoncika esinqumweni senkantolo mayelana nesikhalo abazosifaka ngezinsolo zokukhwabaniselwa amavoti. 

I-MK ithe ukuya emhlanganweni wokuqala wePhalamende ngaphandle kokubalwa kwawo wonke amavoti ayo, kuyobe kuphambana nokuzibophezela kwayo ebunyeni nasezimisweni zentando yeningi, lapho kufanele kulalelwe izwi labo bonke abantu. 

Kulindelwe ukuba kumenyezelwe usuku lomhlangano wokuqala wePhalamende ozokuba seCape Town International Convention Centre (CTICC) ezinsukwini ezimbalwa ezizayo. Kulo mhlangano – ozobe uholwa yiNhloko yabeHluleli uMnu Raymond Zondo – kuzofungiswa amalungu amasha ePhalamende, kukhethwe usomlomo nesekela lakhe, kanti kubhekwe nokuba kukhethwe umengameli wezwe. 

bhekin@ilanganews.co.za

Previous articleOwozalo lukaBhekumuzi Luthuli uvuma ingcindezi emculweni
Next articleUdliwa yingebhe obhunyelwe yindodakazi ngamanzi ifuna ubhiya ngenkani