I-MKP isilufake eNkantolo yoMthethosisekelo olokuhlala kwePhalamende ngoLwesihlanu

246

THANDOLUHLE NGUBO

USULUSHOVELE eNkantolo yoMthethosisekelo udaba lwesikhalo sawo ngemiphumela yokhetho uMkhonto Wesizwe Party (MKP) njengoba usufake amaphepha kule nkantolo uyinxusa ukuba inqande ukuhlala komhlangano wokuqala wePhalamende – emuva kokhetho lwalo nyaka obelumhla ka-29 kuNhlaba (May) – okulindeleke ukuba ube ngoLwesihlanu. 

Usuku lwalo mhlangano – ozokuba sePhalamendse, eCape Town – lumenyezelwe yiNhloko yabeHluleli, uMnu Raymond Zondo, ngokulandela uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika olawula ukuthi kumele iPhalamende lihlale okukuqala emuva kwezinsuku eziwu-14 emuva kokhetho. 

Ngokwamaphepha eMKP, ifuna inkantolo iphoqe uZondo noNobhala wePhalamende ukuba bangalihlalisi kuze kuba kuphendulwa izikhalo zayo zokungagculiseki ngemiphumela yokhetho. Le mizamo yeMKP yelama eyokuthi isabise ngokuduba ukuba yingxenye yabazohlala ePhalamende, kodwa kwavela ukuthi kuzoqhubeka ukuhlala kwalo noma ingekho. Ibe seyibhalela uZondo noNobhala wePhalamende inxusa ukuba lingahlali iPhalamende, kodwa lesi sicelo sachithwa. 

Kwenzeka lokhu nje, izolo iPhalamende liveze ukuthi amalungu eMKP asesusiwe ohlwini lwabazohlinzekwa ngezindawo zokuhlala nezokuthutha eziya eCape Town, njengoba ememezele ukuthi ngeke alubhade ePhalamende.  

Previous articleUyise kaRatomo ucacisa ngekusasa lendodana yakhe
Next articleUkushaya ngolonwabu komnyango kusukumise umasipala wahlela ukuzakhela ibhuloho