BHEKI NDLOVANA
ILENGELA engcupheni yokungakwazi ukungenela ukhetho ngonyaka ozayo iNational Freedom Party (NFP) eyasungulwa nguNkk Zanele Magwaza-Msibi (ongasekho).
I-Independent Electoral Commission (IEC), yexwayisa ngokuthi uma iNFP yehluleka wukulungisa izinkinga zombango wobuholi, izoba nenkinga yokungakwazi ukungenela ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.
Ekhuluma neLANGA uMnu Ahmed Munzoor Shaik Emam (osesithombeni) ongumgcinimafa weNFP – futhi oyilungu layo ephalamende – uthe mancane kakhulu amathuba okuba leli qembu likwazi ukungenela ukhetho ngonyaka ozayo.
Uthe izinkinga zalo zinzima ngaphezu kwalokhu abantu abakucabangayo.
Uveze ukuthi enkulu kunazo zonke, wukuthi noma ngubani kwiNFP ukhuluma akuthandayo.
UMnu Mawethu Mosery oyisekela lesikhulu esiphezulu se-IEC, ekhuluma esiteshini sikamabonakude sezindaba iSABC, uthe uma kuze kushaya uNdasa (March) ngonyaka ozayo – okuwusuku okuvalwa ngalo ukuqokwa kwamagama abaholi – iNFP ingakayilungisi indaba yobuholi bayo, kusho ukuthi ngeke ikwazi ukungenela ukhetho.
Uma iNFP ingagcina yehlulekile ukungenela ukhetho, kuyobe sekuyiphinda isibili njengoba ngo-2016 yehluleka wukungenela olohulumeni basekhaya.
Yachithwa yi-IEC emuva kokuba yehluleka wukukhokha ngesikhathi esasibekiwe idiphozithi yemali okwakumele ikhokhwe ngamaqembu ukuze angenele ukhetho.
Enye inkinga ebhekene nayo iNFP njengamanje, wukuthi ayisalutholi uxhaso lwemali olukhishwa yi-IEC olutholwa ngamaqembu epolitiki.
Lokhu kudalwa wukuthi sekunesikhathi yehluleka wukuthumela izitatimende zemali yeqembu njengoba kudingeka ngokomthetho.
UMnu Emam utshele ILANGA ukuthi inkinga eyenza bangakwazi ukuthumela lezi zitatimende, yindaba yombango wobuholi. Uthe akukhona ukuthi kasihlelekile isimo semali yaleli qembu.
Utshele leli phephandaba ukuthi ngokomthetho, uma kuthunyelwa izitatimende zemali kwa-IEC, kumele zihambisane nefomu elinamagama abaholi beqembu, manje bona kabakwazi ukulithumela ngoba kunombango wobuholi.
Uveze ukuthi sekuphele iminyaka emithathu bengalutholi uxhaso kwi-IEC. Uyilinganisela cishe ku-R7 million imali athi ibambeke kwa-IEC ngenxa yokuthi kabakwazi ukuthumela lezi zitatimende zemali.
UMnu Canaan Mdletshe ongunobhala-jikelele weNFP, uthe iNFP izolungenela nakanjani ukhetho.
Uthe udaba lwezitatimende zokusetshenziswa kwemali eyimihlomulo iqembu eliyithola kwa-IEC, luyalungiswa.
“Kunenkampani yabacwaningi-mabhuku esiqokiwe, okumanje iphezu komsebenzi wokuqinisekisa ukuthi siyifeza yonke imigomo yakwa-IEC ephathelene nemali yabakhokhibentela,” esho.
Uveze nokuthi izinhlelo zokusingatha ingqungquthela zihamba kahle kakhulu.