I-NFP ifunga ngokuhlwitha uMasipala waseZululand kwi-IFP

197

NONHLAKANIPHO SHINGA noBHEKI NDLOVANA

BUYAFUNGA buyagomela ubuholi beNFP eZululand ukuthi uzogcina uwele ezandleni zabo uMasipala wesiFunda iZululand, okusanda kuqokwa kuwona imeya, uMnu Michael Khumalo, engene kulesi sikhundla ngoLwesine olwedlule. UKhumalo uthathe isikhundla sikaMfu Thulasizwe Buthelezi osejutshwe kwesokuba ngungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezomdabu KwaZulu-Natal.

UMnu Siphamandla Ntombela ongusotswebhu weNFP eZululand, usola i-IFP ngokuthatha lesi sikhundla ngobuqili njengoba ethi umhlangano okukhethwe kuwona uKhumalo bekungojwayelekile nje, batshelwa ngoLwesithathu ebusuku ukuthi kuzokhethwa imeya kuwona. 

Usola i-IFP ngokuphoqa ukushesha kuvotwe ngoba yesaba ukuthi umasipala ungase uwele ezandleni zabo njengoba ethi bona babelindele ukuthi ngoLwesine uMengameli weNFP, uMnu Ivan Barnes, uzofungiswa njengekhansela kuphela.

“Ngenxa yokuthi kuvele kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi umengameli wethu uzofungiswa, ngiyacabanga ukuthi yikho okwenze i-IFP yafuna ukushesha kukhethwe imeya ngoba ingafuni ukuthi sibe nethuba lokubonisana namanye amaqembu,” esho.

Njengoba iNFP ne-ANC benezihlalo eziwu-18 uma sebehlangene, nayo i-IFP ineziwu-18 kanti kuvela ukuthi ivote nekhansela le-EFF, nelilodwa leNFP.

Phambilini kuke kwaba namahlebezi okuthi ezivumelwaneni ezenziwe yiNFP ne-IFP ezingeni lesifundazwe, (iNFP) beyithenjiswe noMasipala iZululand phezu kwesikhundla sokuqhoqhobala uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, osezandleni zayo. 

Nokho lokhu kuchithwe nguMnu Velenkosini Hlabisa ongumengameli we-IFP, otshele abezindaba ngoLwesihlanu ukuthi kabasoze benza izivumelwano zokudayisa ngomasipala ababanqoba, ukuzuza okungahlangene nomasipala.

Uthe bona bakholelwa ezingxoxweni ezihloniphekile, ezingenziwa ezigcawini zabezindaba. 

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleAbaculi bazimisele ukulubeka kwelinye izinga ubumbano ngonobhutshuzwayo
Next articleIsikhulu seDowns sicacisa ngesizathu sokwenza iziqu zokuqeqesha