I-NFP isilinde impendulo ye-IFP ngoMasipala waseZululand

231

BHEKI NDLOVANA 

ISILINDE impendulo ye-IFP mayelana nesikhalo sayo ngodaba olumayelana noMasipala iZululand, iNFP. UMengameli weNFP, uMnu Ivan Barnes (okwesokunxele), uthi impendulo ye-IFP izoba wumkhombandlela esinyathelweni esizothathwa yiNFP. UBarnes uthi akekho esimeni sokuphawula kabanzi ngalolu daba kuze kube uthola impendulo esemthethweni evela kwi-IFP. 

Uthe ngemuva kwaleyo mpendulo, bazonquma ukuthi bayaphuma yini noma cha emshadweni ohlanganisa i-IFP, i-ANC neDA KwaZulu-Natal, okuyiwona okubunjwe ngawo uhulumeni wesifundazwe.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, kusabalale incwadi okubikwa ukuthi ibhalwe yiNFP, yayithumela kwi-IFP, ikhala ngokungeneliseki kwayo ngemuva kokwakhiwa kukahulumeni wobumbano esifundazweni. 

Kule ncwadi iNFP isole i-IFP ngokugxambukela ezindabeni zayo, yaxwayisa ngokuthi uma kungaxazululwa lokhu, kungahle kuchaphazele uhulumeni wobumbano esifundazweni. 

I-NFP ifuna ukuhola uMasipala iZululand, kodwa emhlanganweni kamasipala wangesonto eledlule, kukhethwe uMnu Michael Khumalo kwesobumeya, esivuleke ngemuva kokwesula kukaMfu Thulasizwe Buthelezi osengungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezomdabu esifundazweni. 

I-NFP isola ukuthi kunekhansela layo elisebenzisana ne-IFP futhi elivota nayo. NgoLwesihlanu olwedlule, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa (okwesokudla), uthe bazozinikeza ithuba lokuxoxa neNFP. 

Nokho ukubeke kwacaca ukuthi kabazimisele ngokunikela ngomasipala abaqotshwa yi-IFP ngoba “bethenga okunye”. 

“Esizokwenza wukuxoxa neNFP, sibone ukuthi yikuphi lapho singahlangabezana khona kulokho ekhala ngakho,” kusho uHlabisa. 

Previous articleSinomlando nomsebenzi omkhulu isikhundla sikandunankulu KwaZulu
Next article“Umama weBhantshi” usola umndeni wakhe ngokumqambela amanga ngemishwalense yabafi