i-pirates ihlela ukukhomba indlela unozinti wase-france

740

SENZO SOKHELA 

ZIBALIWE izinsuku kumdlali we-Orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi le kilabhu isilinde kusongwe isizini bese imkhomba indlela. 

UBucs imemezele ekuqaleni kwesizini ukuthi isayinise unozinti uJoris Delle (30) (osesithombeni) odabuka eFrance. 

Ubekade evimbela iFeyenoord yaseNetherlands. Nokho selokhu efike kwiBucs ushaya into ephansi njengoba ubedliwa ngamagoli akude. IBucs igcine ngokumgudluza yabuyisela uWayne Sandilands ezintini.

Leli phephandaba lithole ukuthi u-Irvin “Iron Duke” Khoza ongusihlalo weBucs usenqumile ngalo nozinti uma kuphela isizini uzomdedela. 

“UKhoza akagculisekile neze ngonozinti kwiBucs kangangoba usephume emkhankaso wokuthungatha ababili abaseqophelweni eliphezulu. 

“Kodwa-ke ukuze kuvuleke isikhala kufanele kube khona ohambayo. 

“UDelle usenqumile ngaye, uzomdedela. 

“Okokuqala nje, ukhala ngokuthi uvimbe nesikhala somdlali wangaphandle ekubeni engenzi lutho. Izinsuku zakhe sezibaliwe, uma kuphela isizini uzolibhekisa kwelakubo,’’ kusho lo mthombo. 

Imizamo yokuthola uKhoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni nhlobo.

Previous articleIsidumo ngeCoronavirus eThekwini
Next articleUdidekile umdlali osephenduke inyama