I-PSL ezintangeni ngeChiefs

143

Kuthiwa ibiwaphoqa amanye amakilabhu ukudlala noma exinwe yiCovid

KULINDELWE isinqumo sePremier Soccer League eholwa ngu-Irvin Khoza esizocacisa mayelana nodaba lweKaizer Chiefs engakwazanga ukudlala umdlalo wayo wangempelasonto ngenxa yokuthi iningi labadlali bayo bahaqwe yiCovid-19.

MFANAFUTHI NDLOVU
LISHONE elayizolo ngeSonto isangena ezintangeni iPremier Soccer League (PSL) ngodaba lweKaizer Chiefs ebhalele le nhlangano incwadi iyazisa ukuthi ngeke ikwazi ukuqhubeka nemidlalo eyisalele nonyaka ngenxa yokutheleleka kwezisebenzi zayo eziwu-31 yiCoronavirus. IChiefs kayilubhadanga emdlalweni neCape Town City obekumele iwugijime ngoMgqibelo kusihlwa eGoli kanti kulindeleke ukuba iphinde yenze okufanayo nasemdlalweni eqhathwe kuwona neLamontville Golden Arrows ngoLwesithathu ngo-17h30 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.


UMato Madlala oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiPSL, ethintwa yiLANGA ukuphawula ngale nzukazikeyi izolo ntambama, uthe akazikhulumi izindaba zikanobhutshuzwayo ngempelasonto. URonnie Schloss ongesinye sezikhulu zePSL akatholakalanga njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe kanti esinye isikhulu sezokuxhumana kule nhlangano, sizihlangulile, sathi sizokwazi okuqhubekayo namuhla ngoMsombuluko.


Abalandeli bakanobhutshuzwayo bamagange ngesinqumo sePSL njengoba kuputshuke ukuthi ibiwasabisa amanye amakilabhu agijima kulesi sigaba uma ekhala esifanayo neseChiefs, iwaphoqa ukuba asebenzise abadlali abagijima kwiDiski Challenge, kuthiwa ibizeseka ngokuthi inezibopho nabaxhasi zokuthi imidlalo izogijinywa injengoba ihleliwe. Nokho kuthiwa ukuba nezwi elinamandla kwiPSL kukaKaizer Motaung onguSihlalo weChiefs, yikhona okwenza abathatha izinqumo kuyona babe mathinta nyawo ukungamnyatheli amakhona.


UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs, ngeledlule ukhiphe isitatimende esithi basamile ekutheni ngeke bakwazi ukugijima le midlalo njengoba ingxenye enkulu ihaqwe yigciwane. Isiyonke imiphumela ye-DStv Premiership: SuperSport 0, Sekhukhune 1; Stellenbosch 1, Sundowns 1; Swallows 1, Maritzburg 1; Chippa 1, Arrows 2; AmaZulu 0, AM 0. Imidlalo yeDStv Premiership phakathi nesonto imi kanje: KUSASA NGOLWESIBILI EMbombela: TS Galaxy vs Chippa United 17h30. ECape Town: Cape Town City FC vs Maritzburg Utd 19h30. NGOLWESITHATHU ELoftus: Mamelodi Sundowns vs Royal AM 15h30. E-Ellis Park: Sekhukhune United vs Marumo Gallants FC 17h00. EDanie Craven: Stellenbosch vs SuperSport Utd 17h00. EPeter Mokaba: Baroka FC vs Swallows 17h00 EKings Park: AmaZulu vs Orlando Pirates 17h30. EPrincess Magogo: Golden Arrows vs Kaizer Chiefs 19h30.

Previous article06 December 2021
Next articleImoto ka-R12m egubha impumelelo