I-PSL idalule izinsuku nezinkundla zama-semi final eMTN8

385

INTATHELI YELANGA

I-PREMIER Soccer League (PSL) seyizimemezele izinkundla nezinsuku zemidlalo yomlenze wokuqala nowesibili wama-semi final eMTN8. IKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns bezodudulana ngoMgqibelo womhla ka-2 kuMandulo (September) eFNB Stadium kowomlenze wokuqala, bese bedibana eLucas Moripe Stadium, ePretoria kowesibili ozokuba mhla ka-23 wenyanga efanayo.

IStellenbosch FC izokwamukela i-Orlando Pirates emlenzeni wokuqala ngeSonto mhla ka-3 e-Athlone Stadium, eCape Town, kanti umlenze wesibili uzogijinywa e-Orlando Stadium, eSoweto ngeSonto lomhla ka-24 kuMandulo. Yonke le midlalo iyoqala ngo-15h00 kanti amasango ayovulwa ngo-11 ekuseni. Imininingwane ngamathikithi izobuye imenyezelwe.

Previous articleSebethelekile abaholi beBrics
Next articleUkhuthaza abaculi ukuqamba amaculo amasha