I-PSL iphumela obala ngemidlalo

701

IPREMIER Soccer League (PSL) iphumele obala ngokuthi ngeke ixhanyazeliswe wukubona izinqumo ezithathwe ngamanye amazwe ngemidlalo yamaligi ephazanyiswe wukubheduka kweCovid-19 emhlabeni. Lokhu kuzwakaliswe ngu-Irvin Khoza onguSihlalo wePSL ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lwezemidlalo loKhozi FM izolo ntambama lapho elibeke khona ngembaba elokuthi inhlangano yakhe ingangena kwezinkulu izikweletu uma ingagcina ingayiqedelanga imidlalo. Uthe lolu daba bazolubhunga ngokukhulu ukucophelela nezinhlaka ezithintekayo ukufinyelela esixazululweni esingeke sikhalise muntu. Uthi uyazwelana nabaphathi bamakilabhu ngoba basazobhekana nesimo esinzima kakhulu uma ikhambi lalesi sifo lingatholakali ngokushesha kwazise ibhola liphila ngemali yabaxhasi. – Kuloba uMfanafuthi Ndlovu

Previous articlengebhe ezweni ngokuvulwa kwezikole
Next articleZingena zingenile izicelo zokuqeqesha amazulu fc