I-PSL ishiywe ngabaxhasi bakwaTelkom

742

UKhoza ubhoboka nangobudlelwano beDStv neSABC ngemidlalo yeligi

SENZO SOKHELA

ISHIYWE ngabaxhasi abamqoka iPremier Soccer League (PSL) ethathwa njengenye yamaligi amakhulu emhlabeni.

USihlalo wePSL u-Irvin “Iron Duke” Khoza ubize isigcawu sabezindaba izolo ngoLwesithathu emini lapho ememezele izinto eziningi ezimqoka ezithinta iligi kubalwa nokuhoxa kwabakwaTelkom abebeseke omunye wemikhumulajezi yale nhlangano elawula ibhola elikhokhelayo kuleli.

Phakathi kwezinto azimemezele kubalwa ukuqala ngomhla ka-24 kwephezulu kwemidlalo yeligi entsha esiyaziwa ngeDStv Premiership. 

Imidlalo yeMTN8 yona izoqala ngomhla ka-17 kwephezulu. UKhoza uthe umklomelo wabazodla iligi ngeke ushintshe, kusazoba yiwona u-R15 million.

Nokho okushaqisile okuvezwe nguKhoza wukuthi ngeke isaba khona iTelkom Knockout ngenxa yokuthi laba baxhasi banqume ukuphuma. Izingqwele zeTelkom Knockout zangesizini edlule yiMamelodi Sundowns.

“Ngale sizini ezoqala kunomqhudelwano wenkomishi owodwa esizokube singenawo, lowo (mqhudelwano) yiTelkom Knock-out emuva kokuba abaxhasi behoxile. 

“Lokho kuzosisiza ngoba le sizini izobe icinene ngendlela eyisimanga. Nokho kangingabazi ukuthi uma iphela sizobe sesimtholile ozongena endaweni yeTelkom ngaleya sizini elandelayo.

“Siyababonga kakhulu abakwaTelkom ngoxhaso abasinike lona kule minyaka eyedlule. Siyasiqonda sonke isimo sokuhoxa kwabo ngoba umnotho ushayeke ngendlela eyisimanga ngenxa yalolu bhubhane oluhlasele umhlaba wonke,” kusho uKhoza.

Ube eseveza ukuthi ukhetho lobuholi obusha bePSL luzokuba ngomhla ka-11 kuLwezi (November).

Ephawula ngodaba olusabalele lokuthi abammeli benhlangano yezokusakaza kuleli, iSouth African Broadcasting Corporation (SABC) bamatasa babhekisisa lolu xhaso lwePSL njengoba yesekwe yizimbangi zayo ezinkulu iDStv, uthe: “Ngifisa ukuyicacisa le nto ngoba ngathi kunokudideka. IDStv izoba ngabaxhasi beligi, eyamalungelo okusakazwa kwemidlalo yinto eseceleni leyo.

“IDStv ibone ithuba yabe isilisebenzisa.

“Bezikhona ezinye izinhlangano ebezifuna ukuxhasa kodwa sanquma ukuhamba neDStv. I-SABC nayo ibinelungelo lokuxhasa uma ifuna. Njengoba ngikhuluma nje kunemihlangano phakathi kwe-SABC noDStv futhi ihamba kahle kakhulu, wonke umuntu ujabule.”

Uthe imidlalo yeGladAfrica Championship babheke ukuthi iqale ngasekupheleni kukaLwezi kwazise balindele ukuthi iSafa ithumele amakilabhu amabili anqobe imidlalo yama-play-off ukuze iligi iqale inamakilabhu aphelele. Uthe maduze nje kuzophuma uhlu lokuqhathwa kwamakilabhu azobhekana kwiDStv Premiership.

“Kusaqedelelwa izinto ezincane nje maduzane luzophuma uhlu lwemidlalo. Kodwa-ke eye-bubble ngeke sisakwazi ukuyimela kwazise ishaye kwezwela ephaketheni. Ukudlala kwi-bubble kusidle imali elinganiselwa kuR80 million kuya ku-R90 million. Ngeke sisakwazi ukuyimela eye-bubble,” kusho uKhoza.

Uphinde waveza ukuthi i-Q Innovation isazoba khona. Uthe umcimbi wokuklonyeliswa kwabadlali abenze kahle ngesizini esanda kusongwa uzokuba ngaphambi kokuqala kwemidlalo yeligi.

Previous articleUkuvalwa kwezwe kumnike ithuba lokubhala izingoma
Next articleZitholwe zidindilize ehlathini izidumbu zabebethunjiwe