I-PSL ithi isebumnyameni ngolweWits

954

Kuthiwa abadlali abahola kakhulu banikwe inkululeko yokushiya

MFANAFUTHI NDLOVU

USIfiso Hlanti uthi basebumnyameni ngokudayiswa kwekilabhu iBidvest Wits esidayiselwe iTTM. Lapha wayemakwa nguRichard Mbulu weBaroka FC kowe-Absa Premiership ePeter Mokaba Stadium. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

KUDUMA upotiyane kubadlali beBidvest Wits ngemibiko yokuthi seyilidayisele umnikazi we-Tshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) edlala kwiGladAfrica Championship ilungelo lokugijima kwi-Absa Premiership.

Sekubikwe kaningi ukuthi iWits izofudukela eLimpopo ngesizini ezayo. Nokho-ke kusahlwe emini kubadlali bale kilabhu njengoba bethi akekho oseke wabatshela ngokuqhubekayo. 

UMato Madlala oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiPremier Soccer League (PSL), utshele leli phephandaba ukuthi kakukho osekufike kubona ngokudayiswa kweWits. Uthi nabo basalokhu bezwa kwabezindaba ngalolu daba.

Nokho-ke uLawrence Mulaudzi ongumnikazi weTTM, ucashunwe ethi sebeqede konke neWits. 

Ugcizelele ukuthi abadlali abahola kakhulu usebanikezile igunya lokuxoxa namanye amakilabhu. Lesi sikhulu siphinde sadalula ukuthi imidlalo yasekhaya bazoyigijimela eThohoyandou Stadium.

USifiso Hlanti odlala kwesokunxele emuva kwiWits, uthi bayaqhubeka nokuziqeqesha njengoba beyalelwe kanjalo. 

UMxolisi Macuphu ongumgadli wale kilabhu, ucashunwe kwabezindaba ekhala isililo esifanayo. UHlanti uthi akazi ukuthi ikusasa limphatheleni kwiWits njengoba enenkontileka ezophela ngonyaka ozayo. Uthi okunzima kakhulu wukuthi inkontileka yakhe inombandela wokwelulwa ngomunye unyaka.

“Lesi simo siphoqa ukuthi siqine ukhakhayi njengabadlali. Sibhekene nesimo esinzima njengoba silokhu sizwa kwabezindaba ukuthi ikilabhu isendalini. 

“Okubuhlungu wukuthi siyaqhubeka nokuziqeqesha, kodwa ikusasa kasilazi. Nokho-ke kumele sikuqonde ukuthi abaphathi banelungelo lokuthatha izinqumo ngebhizinisi labo. Okwethu wukwehlisa umoya silindele noma yini,” kusho lo mdlali odabuka eNewcastle.

UHlanti uthi kakukho abangakwenza bengabadlali nxa abaphathi benquma ukuyidedela ikilabhu. 

UMacuphu ucashunwe ethi bayalele uThulani Hlatshwayo ongukaputeni wabo ukuxoxisana nabaphathi ngesimo sekilabhu. Lo mdlali uthi uHlatshwayo utshelwe ukuba azise abadlali ukuba balinde bazokwaziswa ngokuqhubekayo. 

UHlatshwayo noDeon Hotto sekuvele ukuthi bazojoyina i-Orlando Pirates ngesizini ezayo, kanti uMacuphu kuthiwa angase abuyele kwiSuperSport United abebolekiswe kuyona ngesizini edlule.

IBidvest Group kuthiwa ingenye yezinkampani ezicuthele ukuxhasa iPremiership njengoba abakwa-Absa bememezele ukuthi ngeke basivuselele isivumelwano nePSL.

Previous article‘Ubulale umngani enqaba ukumbhemisa’
Next articleInkosikazi kamfundisi yeneke amahlazo omndeni yazibulala