I-SABC isazosicubungula esokuhlawuliselwa isikhangiso seDA

154

LUCKY CAIN

I-SABC ithi isazosidlela amathambo engqondo – ithole nezeluleko zomthetho – isinqumo se-Independent Communication Authority of South Africa (Icasa) sokuyihlawulisa u-R500  000 ngokwenqaba ukudlala isikhangiso seDA esiveza ifulegi laseNingizimu Afrika lisha. Phambilini le nhlangano inxuse iDA ukwenza izinguquko kulesi sikhangiso emuva kokuba kuvele kusha ifulegi, okuyinto equbule izinkulumo, abanye bethi kuphambene nomthetho ukushiswa kwalo. 

I-DA iziphendulele ngokuthi kulesi sikhangiso akukho lapho kuvela kushiswa bukhoma ifulegi laseNingizimu Afrika, ithe okuvelayo yinto eyenziwe ngobuchwepheshe besimanje. Kunokuba i-DA yenze izinguquko kulesi sikhangiso, ifake isimangalo esiphuthumayo kwi-Icasa, isola i-SABC “ngokuyibamba ngophondo”. 

Ikomidi elibhekelela izimangalo kwi-Icasa, lilusukumele lolu daba njengoba ngoLwesihlanu ligcine lithola ukuthi iSABC kayinalo ilungelo lokwenqaba ukudlala isikhangiso salolu hlobo. 

I-Icasa ithe isinqumo seSABC kasinaso isisekelo ngokomthetho. Ithe ngokwenza lokhu, iSABC iphule imigomo yomthethosisekelo wesigaba 58(1) no-58(3) ngaphansi kwe-Electronic Communication Act (ECA). 

Usihlalo waleli komidi, iJaji Thokozile Masipa, uthe banqume ukuba iSABC ihlawuliswe u-R500  000 ngalokhu. 

UNkz Mmoni Seapolelo
oyi-acting group executive for corporate affairs and marketing eSABC, uthe basasicubungula isinqumo se-Icasa futhi bazothola ukwelulekwa ngomthelela waso, ngaphambi kokuba bathathe
igxathu elilandelayo ngaso. 

Imizamo yokuthola okhulumela iDA ukuze aphawule ngalesi sinqumo, iphunzile njengoba abethimba lezokuxhumana kuleli qembu beveze ukuthi abaholi bamatasa njengoba beliphothula umkhankaso walo ngeSonto. 

lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleUsola iSilo ngokufuna enze ngendlela yaso kwiNgonyama Trust
Next articleOsomatekisi bakhale ngokufunwa “intshontsho” uma kuboshwe izimoto zabo