Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 I-SADC nesinqumo sokuhoxisa amasosha atshalwe eDRC

I-SADC nesinqumo sokuhoxisa amasosha atshalwe eDRC

by | 13 March 2025

AMAZWE aseningizimu ye-Afrika angaphansi kwenhlangano iSADC asethathe isinqumo sokuba ahoxiswe amasosha atshalwe eDemocratic Republic of Congo ukuyosiza uhulumeni wakuleliya lizwe ukulwa namavukela-mbuso ophiko iM23.

Lesi sinqumo sithathwe namuhla ngoLwesine engqungqutheleni ebihlanganisa abaholi balawa mazwe. Kuthiwa ukuhoxiswa kwalawa masosha kuzokwenziwa ngokwezigaba.

Lawa masosha atshalwa kuleliya lizwe ngokwemizamo yeSADC yokudala ukuthula khona. Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMasingana (January) kufe amasosha awu-14 aseNingizimu Afrika ebulawa ngamavukelambuso eM23 eDRC, okuthiwa esekwa wuhulumeni waseRwanda.

Abaholi beSADC bathi nakuba amasosha ezosuswa eDRC, kodwa le nhlangano izoqhubeka nokwelekelela imizamo yokudala ukuthula nozinzo kuleliya lizwe.

I-M23 iyaqhubeka nokududula amasosha aseDRC njengoba kuthiwa ngenyanga edlule athathe iBukavu, okungelinye lamadolobha amakhulu kuleliya lizwe.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...