Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 I-SADC nesinqumo sokuhoxisa amasosha atshalwe eDRC

I-SADC nesinqumo sokuhoxisa amasosha atshalwe eDRC

by | 13 March 2025

AMAZWE aseningizimu ye-Afrika angaphansi kwenhlangano iSADC asethathe isinqumo sokuba ahoxiswe amasosha atshalwe eDemocratic Republic of Congo ukuyosiza uhulumeni wakuleliya lizwe ukulwa namavukela-mbuso ophiko iM23.

Lesi sinqumo sithathwe namuhla ngoLwesine engqungqutheleni ebihlanganisa abaholi balawa mazwe. Kuthiwa ukuhoxiswa kwalawa masosha kuzokwenziwa ngokwezigaba.

Lawa masosha atshalwa kuleliya lizwe ngokwemizamo yeSADC yokudala ukuthula khona. Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMasingana (January) kufe amasosha awu-14 aseNingizimu Afrika ebulawa ngamavukelambuso eM23 eDRC, okuthiwa esekwa wuhulumeni waseRwanda.

Abaholi beSADC bathi nakuba amasosha ezosuswa eDRC, kodwa le nhlangano izoqhubeka nokwelekelela imizamo yokudala ukuthula nozinzo kuleliya lizwe.

I-M23 iyaqhubeka nokududula amasosha aseDRC njengoba kuthiwa ngenyanga edlule athathe iBukavu, okungelinye lamadolobha amakhulu kuleliya lizwe.

Ezisematheni

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

ABADAYISA emgaqweni eMgungundlovu, bathole ithuba lokuzikhalela kuSihlalo we-IFP, uMnu Thamsanqa Ntuli ngezinkinga ababhekene nazo zokuswela izindawo zokudayisa nokuvinjwa ngabokufika eNingizimu Afrika abathi sebethathe zonke izindawo kuleli dolobha. Lokhu bakuveze...

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Ogaqele isikhundla sobukhansela kwaNyuswa ngaphansi kwesiFunda saseThekwini wemukelwe ngenhlokomo ubuholi bendabuko ngesikhathi ezokwethulwa ubuholi emphakathini. UMnuz Siphiwe Bulose ubezokwethulwa ngoLwesihlanu njengefolosi le-ANC kuward 2 emcimbini wezinduna...

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...