I-SANDF iyazihlangula “kolwelungu layo” elifuna ukuketula uRamaphosa

347

INTATHELI YELANGA

IGXUME yama ngentaba, yazihlangula iSouth African National Defence Force (SANDF) mayelana nenkulumo esabalele ezinkundleni zokuxhumana, eyenziwe yisikhulu sombutho wezempi wezasemanzini, uLieutenant-Commander Sylvester Mangolele (osesithombeni), othe uMengameli Cyril Ramaphosa makehle esikhundleni engakapheli amahora awu-48, kungenjalo, uzokhishwa ngomgxala.

ISANDF – esitatimendeni esikhishwe ngesandla sikaSiphiwe Dlamini oyinhloko yezokuxhumana – ithi uMangolele umane umemeza efusini, akakhulumi egameni layo – kwazise waxoshwa ngo-2018. Ithi iyayihlaba le nkulumo yakhe eyichaze njengemfeketho.
UMangolele – okugcizelele ukuthi usasebenzela uhulumeni – uthe: “Unamahora awu-48. Lokhu ngikwenza ukuvikela wena ehlazweni lokuthi kungagcini kusebenza isigaba 35 somthethosisekelo nomthetho iCriminal Procedure Act, okuzokwenza ukuba uboshwe. Ngiyakunxusa ukuba ubuyisele zonke izinto (ezimayelana nomsebenzi wesikhundla sakho) emthethweni owalotshwa nguwe ukuba bonke abantu bawuhloniphe. Uyahluleka wukuwuvikela (umthetho), uyehluleka wukuwuhlonipha,” kusho uMangolele.

Yize iSANDF ithi lesi sikhulu saxoshwa, kodwa sona simile kwelokuthi siyilungu layo, futhi senza umsebenzi waso njengasakhamuzi – njengoba sithi umengameli makadinsile isikhundla – ngenhloso yokuvikela izwe.

Previous articleSizohlalelwa ngesonto elizayo isimangalo seNingizimu Afrika nge-Israel
Next articleObethandana noMbongeni Ngema usephumele obala