I-sharks ingene esigabeni somkhumulajezi kwi-super rugby

1666




NHLANHLA HUDLA

ITHELE muva njengembumba iCell C Sharks ibuya sekuvalwe amehlo emdlalweni omqoka weSuper Rugby.

ISharks ibhuquzise iStormers ngo-12-9 kowe-Super Rugby ngo-Mgqibelo ntambama eCape Town. 

Leli qembu liye kulo mdlalo li-ngaphansi kwenkulu ingcindezi kwazise lo mdlalo ubufana nowamanqamu. 

ULukhanyo Am uphule izinhli-ziyo zabalandeli beStormers ethola i-try emqoka ewezele leli qe-mbu laseThekwini esigabeni so-mkhumulajezi.

Sekujwayelekile ukuthi leli qembu lingene sekuvalwe amehlo njengoba lenzile nanyakenye. 

Nakuba inqobile iSharks kumele ibonge udonga lwayo lwasemuva olusebenze ngokuphindiwe luvimba izitha. 

ISharks iye kulo mdlalo ngapha-ndle kwabadlali bayo abamqoka abebengekho ngenxa yokulimala.

Kuzo ezeSuper Rugby, iBulls ibe ngelinye lamaqembu azomela iNingizimu Afrika kowomkhulajezi. IBulls ibukise ngeLions iyibhu-dluza ngo-48-27 ngoMgqibelo kusihlwa eLoftus Versfeld Stadium, ePretoria. 

Ukuhlulwa kweLions kushabalalise amathemba okuthoba abalandeli baleli qembu laseGoli izinhliziyo kwazise lifinyelele kathathu kowamanqamu walo mqhudelwano iminyaka ilandelana edlule kodwa labuya lilamba-tha kuyona yonke.

Asewonke amaqembu azogadulisana kuma-quarter final eSuper Rugby ami kanje:-

Crusaders vs Highlanders.

Jaguares vs Chiefs.

Hurricanes vs Bulls.

Brumbies vs Sharks.

Previous articleUsekulungele ukuyolwela ijezi kwiBucs
Next articleUbusisekile uShenge emukelwa ngothando