I-Spurs isola iChiefs “ngobuqola”

313

SENZO SOKHELA

IFUNA u-R10 million iCape Town Spurs ngo-Asanele Velebayi (21) (osesithombeni), odlala esiswini kule kilabhu, okuvela ukuthi ufunwa yiKaizer Chiefs. ISpurs idliwe yizembe ngesizini edlule esigabeni esikhulu njengoba iqede isizini isemsileni we-log. IChiefs isanda kusayinisa isitobha sale kilabhu uRushwin Dortley (22) njengoba isifuna uVelebhayi.

Asanele Velebayi of Cape Town Spurs during the DStv Premiership 2023/24 football match between Cape Town Spurs and TS Galaxy at Athlone Stadium on 3 March 2024 ©Ryan Wilkisky/BackpagePix

U-Alexi Efstathiou oyisikhulu esiphezulu kwiSpurs, ukuqinisekisile ukuthi iChiefs ike yaxhumana nabo ngalo mdlali, yakubeka efuna ukumthenga ngakho, kodwa bakwenqaba. Kuthiwa udaba lwalo mdlali selungenwe nangabazali bakhe abazama ukuncenga iSpurs ukuba imkhulule. Kuvela ukuthi iChiefs isimnunusele ngemali econsisa amathe. 

“Izikhulu zeSpurs kazinankinga ngokudedela lo mdlali, inqobo nje uma zizothola le mali eziyifunayo. Lo mfana usalelwe yiminyaka emithathu enkontilekeni yakhe nale kilabhu. ISpurs isola iChiefs ngokwenza izethembiso kumdlali wayo ekubeni esanenkontileka nayo,” kusho umthombo.

Previous articleIsicelo soweBay FC kubalandeli 
Next articleU-DJ Zinhle uchazwe njengesibuko kwabanye besifazane