i-supersport namafilimu ezemidlalo

619

INTATHELI YELANGA

YISIKHULU esiphezulu sakwaSuperSport, uGideon Khobane.

SIZOGABA ngama-filimu ezemidlalo isiteshi sikamabonakude, iSuperSport, kulandela ukugqoza kwezemidlalo emhlabeni jikelele ngenxa yokubhebhetheka kwegciwane iCovid 19.

Isiteshi iSuperSport 1 ngaphansi kwesiqubulo esithi, “Show Me The Money”, kusukela kusasa ngoLwesihlanu sizokhombisa amafilimu ahlukene azodlala izinsuku eziwu-60 zilandelana. 

La mafilimu azoqala seligamenxe ihora lesishiyagalombili kanti azogaba ngabalingisi abanohlonze abasezingeni lokuhlabana ngezindondo ze-Oscar.

Phakathi kwalaba balingisi kubalwa uCuba Gooding Jnr, uTom Cruise noJerry Maguire ukukha nje phezulu. 

Kula mafilimu kuba-lwa iSenna, i-Any Given Sunday, iRocky 1-5 ne-Invictus.

Wonke amafilimu azokhonjiswa azogxila kwezemidlalo okubalwa kuzo ibhola
lombhoxo, unobhutshuzwayo, isibhakela njll. 

Isikhulu esiphezulu sakwaSuperSport, uGi-deon Khobane, sithe sebexhumanile nezinkampani eziqopha amafilimu ukuthi zikwazi ukulethela ababukeli abazokuthokozela.

Uqhube ngokuthi la mafilimu okuhle ngawo wukuthi azokwazi ukuthokozelwa ngabantu abehlukene, ikakhulukazi abazifela ngezemidlalo. 

Amafilimu azokhonjiswa kulesi siteshi azophinde atholakale nakwiDStv Catch Up.

Previous articleilengela eweni i-saa
Next articlekugqekezwe isitolo sotshwala kwamashu