I-Unisa izosiphonsela inselelo enkantolo isinqumo sikangqongqoshe

122

THANDOLUHLE NGUBO

I-UNISA izosiphonsela inselelo  enkantolo isinqumo sikaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande (osesithombeni) sokuyifaka ngaphansi komlawuli. 

NgoLwesihlanu uNzimande umemezele ukuthi le nyuvesi izoba ngaphansi komlawuli, uSolwazi Ihron Rensburg, ozothatha imisebenzi ebiyenziwa wumkhandlu wayo ohlakaziwe. 

Uveze ukuthi kuzoqala uphenyo oluzimele lokucwaningwa kwamabhuku mayelana nokungaphathwa ngendlela kwemali no-kungayisebenzisi ngendlela, okuhlonzwe embikweni womhloli ozimele, uDkt Themba Mosia. Uthe uma kutholakala izenzo zobugebengu, kumele umthetho wenze okufanele kwabathintekayo. 

Uqhube ngokuthi umbiko kaMosia waveza ukuthi isekela likashansela walesi sikhungo, uSolwazi Puleng Lenka-Bula, lathatha ihhovisi ngesikhathi esachazwa njengesasiyinkinga enkulu kule nyuvesi. 

Ubike ukuthi ikomidi labaphathi balesi sikhungo iManCom, lalithatha izinqumo zemali ngendlela okungeyona, okunemiphumela engemihle kwinyuvesi. 

Esitatimendeni esikhishwe yi-Unisa, kuvele ukuthi inyuvesi izosiphonsela inselelo lesi sinqumo ngoba ungqongqoshe wavinjwa yinkantolo phambilini.

“Inyuvesi kayihambisani nesinqumo sikangqongqoshe, futhi ingasho ukuthi siwukwedelela umyalelo wejaji Harshila Kooverjie, wangomhla ka-6 kuMfumfu (October) nonyaka, owawuvimba ukufakwa kwenyuvesi ngaphansi komlawuli. Lolu daba lusesezithebeni zenkantolo,” kusho isitatimende.

www.ilanganews.co.za    

Previous articleUngqongqoshe ukhuthaze othisha ukuhamba ezinyathelweni zoweNatu
Next articleIkhuthaza inhlanzeko kozakwabo incwasimende eshayela itekisi