i-wwE iboniswa bukhoma kwi-supersport

684
ABANYE babadlali be-wrestling ababonakala kwi-WWE, uJohn Cena noSting. 

BASIZWA ngendaba isizungu abathandi be-WWE njengoba iqhubeka nokuboniswa bukhoma kumabonakude yize ezemidlalo zimisiwe emazweni amaningi ngenxa yokubhebhetheka kweCovid-19.

I-WWE ithathwa njengeminye yemisebenzi emqoka egunyazwe nguRon DeSantis oyi-governor yaseFlorida, e-United States of America (USA). Le midlalo idlalwa ngaphandle kwezihlwele njengoba kuvaliwe ukuhlanganyela kwabantu. Labo okuphoqeleka ukuthi bayosebenza kuyona banikwa izimfonyo okuyimpoqo ukuzigqoka. Imidlalo yeWWE isingathelwa ePerformance Centre, eFlorida.

Le midlalo ikhonjiswa eziteshini okubalwa kuzona iSL5G, iSS4, iSS4A, iSS9 nakwiSSM2. Yonke ikhonjiswa eziteshini zakwaSuperSport TV.

Previous articleUmlawuli uvune uSkhosana ngokhetho lweSascoc
Next articleuzimisele ukulwela indawo esikimini sosuthu