IBafana ithembisaukuqinisa amabhawoti

507

UBroos uthi bazolungisa izindawo ezimbalwa

NHLANHLA HUDLA
WENELISEKILE ngezinga elikhonjiswe ngezakhe uHugo Broos ongumqeqeshi eBafana Bafana eguqise iMorocco ngo-2-1 kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoMgqibelo ebusuku eFNB Stadium, eGoli. Amagoli eBafana kube wumkhonto ogwaze ekhaya ngomzuzu ka-5, emuva kwe-free kick ebithathwe nguPercy Tau, unozinti weMorocco, uMunir el Kajou walichithela enethini nelikaZakhele Lepasa elingene ngomzuzu ka-48. UHakim Ziyech ushayele izivakashi elokubika. Womabili amaqembu aye kulo mdlalo esevele ezibekisele indawo kwi-Afcon ezokuba ngonyaka ozayo e-Ivory Coast. IMorocco ize kuleli kubhekwe lukhulu kuyona, kwazise ibifike neqembu eliqinile.


UBroos uthi ukunqoba eqenjini eliwunombolo 1 e-Afrika – elilele endaweni ka-11 emhlabeni – kuzokhuphula ukuzethemba kubadlali bakhe ngaphambi kokuqala kwe- Afcon. “Ngijabule kakhulu ngenqubekela phambili ekhonjiswe yiqembu kulo mdlalo. Abadlali bakhombise ukubumbana okuyisimanga kulo mdlalo. Indlela ebesilekelelana ngayo, ibiyinhle kakhulu. “Lokhu kuzosisebenzela kakhulu emidlalweni yethu ezayo. Sesehluke kakhulu manje, bonke abadlali bakhombisa ukulambela ukuba yingxenye yeqembu. “Kulo mdlalo, bonke abadlali babenesandla ekunqobeni kwethu. “Okuhle nje wukuthi sesinalo iqembu esizogadla ngalo ngonyaka ozayo. Osekusele nje wukuthi bonke abadlali bafake umfutho. “Sizolungisa izindawo ezincane manje ukuze abadlali babe yile nto esiyifunayo,” kusho uBroos.


Umqeqeshi weMorocco, uWalid Regragui, ubongele elakuleli ngokwenza kahle kulo mdlalo. “Bekungathi sikwenye indawo nje, kodwa izinto ezifana nalezi kufanele uzilindele kwazise iningi labadlali bethu lidlale imidlalo eminingi. Ukukhathala nakho kuba neqhaza lakho kulesi sikhathi sonyaka. “Abanye abadlali bebengekho, okwenze sanika abanye ithuba. “Sifunde lukhulu kulo mdlalo. Ukwehlulwa kwethu kuzosinika izifundo ngaphambi kokuqala kwe-Afcon. “Ngiyayibongela iBafana Bafana, isinike umdlalo omuhle kakhulu. Iyiqembu elidlala kahle kakhulu, ngiyifisela okuhle kodwa. “Sizobheka amaphutha sifunde kuwona ukuze sibuye sesingcono kakhulu ngokuzayo,” kusho uRegragui.


Nakuba inqobile iBafana kulo mdlalo, kodwa kubukeka usemkhulu umsebenzi ohlalele abaqeqeshi. Ukukhombisa ukozela ngemizuzu yokugcina, kushiye imibuzo ngodonga lwasemuva lwaleli qembu. Izivakashi beseziphungwa ngezithebe umdlalo usuzophela, khona ukuthi uRonwen Williams ongunozinti weBafana, uphapheme.

Previous articleUKHUNGATHEKILE UMNDENI KUBHUBHA IZINGANE (2) NGOMLILO
Next articleInkosi ikhwele yadilikaebuholini ethi kayibazi