JABULANI SIKHAKHANE
UHULUMENI uhlongoza ushintsho olunzulu ngobuzwe, wukungena eNingizimu Afrikakwabavela kwamanye amazwe nokwemukelwa kwabazobhaca. Imigomo mayelana nezimvume zokungena kuleli ibalulekile njengoba ingaba negalelo elikhulu kwezomnotho.
Izinkampani ezizinze emazweni amaningi, zidinga inkululeko yokuthumela izikhulu zazo emazweni ehlukene. Lubalukile lolu hlobo lwezinkampani ngoba kalugcini ngokutshala imali ezweni, kodwa luletha nobungcweti nobunzululwazi kwezokukhiqiza. Nokho sekukaningi izinkampani ezizinze kuleli zikhononda ngezingqinamba zokuthola izimvume zokuletha izikhulu zazo kuleli. Akukacaci-ke nokho ukuthi ushintsho oluhlongozwayo luzozisusa yini lezi zingqinamba.
Ethula umqulu (white paper) ngalolu shintsho oluhlongozwayo ngeSonto, uNgqongqoshe wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi (osesithombeni), uthe umnyango wakhe usuneminyaka emine uwubumba. Uthe aya ngokwanda amazwe athi iNingizimu Afrika kumele ibe nemigomo esebenza ngendlela efanele mayelana nokuvunyelwa kokungena kuleli kwabantu bakwamanye amazwe. La mazwe amemeza kakhulu mhla kusuka izibhelu lapho ezinye zezakhamizi zakuleli zibambana ngezihluthu nabokufika.
UMotsoaledi uthe ziwu-6 izizathu ezenza abantu bashiye amazwe abo; wukungaboni ngasolinye, wukubambana ngezihluthu,
wumonakalo odalwa ngezemvelo (njengezikhukhula), wukuhlasela kwamagciwane (njengeCoronavirus), wukulangazelela amathuba ezomnotho nawemisebenzi atholokala kwamanye amazwe. Uhulumeni wakuleli uhlongoza ukuhoxa ezivumelwaneni zamazwe ezilawula ukungena eNingizimu Afrika kwabantu bakwamanye amazwe, okubalwa kubo nabafuna amalungela okuzobhaca.
UMotsoaledi uthe leli lamukela lezi zivumelwano njengoba zinjalo, langakhetha amaphuzu azohambisana nezimfuno zikahulumeni. Uthe leli phutha kumele lilungiswe njengoba sekuwucacele uhulumeni ukuthi kawusenamandla okwenza imigomo oyifunayo ngoba izinkantolo zisebenzisa lezi zivumelwano zamazwe ukubumba umthetho wakuleli.
Kuyaziwa ukuthi izinqumo zezinkantolo, ikakhulukazi eyokudluliselwa kwamacala, eseBloemfontein neyoMthethosisekelo, zingaphoqa uhulumeni ukushintsha imigomo nemithetho yezwe. UMotsoaledi uthe amazwe asethuthukile, njenge-United States of America (USA), iCanada ne-England, anemali ngaphezu kwaleli, kodwa anemigomo eqinile elawula ukungena kuwona, wukutholakala kobuzwe namalungelo abafuna ukuyobhaca. Inhloso yale migomo wukuvikela amalungelo ezakhamizi zawo. Kuhlongozwa ukubunjwa kabusha nokuhlanganiswa kwemithetho elawula ezobuzwe nokubhaliswa kwabazalwayo nabashonile ukuze kuvalwe izimbobo abafuna la malungelo abachusha ngazo.
Ungqongqoshe uthe uhlu lwabaphuma kwamanye amazwe – asebenikwe amalungelo okuba yizakhamizi zakuleli – kumele lwethulwe ePhalamende njalo ngonyaka. Ukhononda ngokuthi mkhulu umgunyathi ngemishado phakathi kwezakhamizi zakuleli nabakwamanye amazwe. Phela le mishado inika abokufika amalungelo obuzwe kuleli.
Sekwaphenduka ihlaya ukuthi abesifazane bakuleli abangakashadi, kumele bathintane noMnyango wezaseKhaya, okungenani njalo ngonyaka ngoba kungenzeka sebesemabhukwini emishado, njengabantu abagane ondodamphini basePakistan. Sekwande nezivumelwano ezilawula umasihlalisane weminyaka wabantu ababili.
Lezi zivumelwano zenaba ngamalungelo umuntu anawo njengoba kuhlaliswene. Ungqongqoshe ubike nokuthi uhlelo lukahulumeni olulawula ukuthi bangaki abakwamanye amazwe abangaqashwa kuleli, luzosiza ukwehlisa ukungqubuzana phakathi kwezakhamizi nabakwamanye amazwe. Mayelana nabafuna amalungelo okubhaca kuleli, uhulumeni uhlongoza ukuthi umthetho uqiniswe ukuze abatholakala sebengaphakathi ezweni – bengalandelanga imigudu efanele – baphoqwe ukweneka izizathu ezibenze bangena kuleli ngokungemthetho.
Okunye okuhlongozwayo, wukuthi umuntu ophoqwe yisimo ukuyofuna indawo yokubhaca, kumele angene ezweni eliseduze nelakhe, inqobo nje uma lelo lizwe lihambisana nemigomo yamazwe mayelana nokukhoseliswa kwabantu
bakwamanye amazwe. Kuze kuhlongozwe lokhu nje, yingoba kunemibiko yokuthi abafuna ukukhoseliswa bahamba benqamula amazwe, bedlula angomakhelwane, baze bazongena kuleli ngoba bedonswa wukuthi lithathwa njengelisesimeni esingcono kwezomnotho.
UMotsoaledi uthe kuhlongozwa lolu shintsho ukuze kuncishiswe isibalo sabantu abeza kuleli ngoba bebalekela isimo somnotho emazweni abo. Nokho kulindeleke ukuba eminye yemigomo ehlongozwayo iphikiswe ngabathi balwela amalungelo abantu, baze
bayongena ezinkantolo.