IBay FC “izibambezele” empini yezembe

241

INTATHELI YELANGA

IZIBAMBEZELE iRichards Bay FC empini yezembe ibambana ne-University of Pretoria (Tuks) ngo-1-1 kowokuhlungela ukunyukela kwiDStv Premiership namhlanje ngoMgqibelo, eTuks Stadium, ePretoria. Sekufanele iBay okungenani idlale ngokulingana neBaroka FC emdlalweni wokugcina eKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngoLwesithathu ukuqinisekisa ukuthi ibuyela kwiPremiership. IBaroka idinga ukunqoba ngo-3-0 ukushovela iBay kwiMotsepe Foundation Championship, okubukeka kungaba wumlingo ukuba kwenzeke.

UYANELA Mbuthuma weBay FC ejabulela igoli lakhe. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Umdlalo wanamhlanje ucacise ukuthi iTuks – esiqedile ngale midlalo – ibuyela kwi Championship lapho eqede khona ilele endaweni yesibili ngesizini esanda kuphela, okuyikho okuyinike ithuba lokudlala kweyokuhlunga.

Inkundla ivulwe nguYanela Mbuthuma weBay FC ngomuzuzu ka-39, igoli lakhe lacinywa ngelikaKamogelo Pheeane ngoka-48. Kucishe kwalalwa kungadliwe eRichards Bay imbumbulu kaTeboho Mohlamonyane ishaya ipali ngomzuzu ka-61. Ubuyile uMohlamonyane ngomzuzu ka-62, wagoba ibhola elihle elidlule kancane ekhanda likaThabang Sibanyoni.

IBay nayo iwatholile amathuba ngasekupheleni komdlalo – ngonyawo lukaMbuthuma nolukaSanele Barns – kodwa wala ukhasha u-Edward Maova ongunozinti weTuks, egqemeke engeqiwa ntwala ilinyalelwa nguPromise Mkhuma obenza izinto zenzeke esiswini. Ungqutshuzwe ngedolo ekhanda nguTercious Malepe, wagcina ekhishiwe. Le kilabhu iqede umdlalo ingasaphelele kukhishwa uSingnkhi Mpedi ngekhadi elibomvu sekusele amanenjana umdlalo uphele.

Umqeqeshi weBay, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, uthe bayolwa okokugcina eMlazi, iBaroka ngeke ibehlulele ekhaya njengoba beyehlulile ekuhambeni.

Previous articleUNdunankulu waKwaZulu-Natal omusha, uMnu Thami Ntuli, uthembisa ukusebenza ngokubambisana nabanye abaholi ukwenza ngcono impilo yabantu bakulesi sifundazwe
Next articleOweNdoni uhlanganise intsha ukuyikhumbuza ngesiko nangemuva layo