Ibhekene nemiqansa emibili iBanyana Banyana

393

INTATHELI YELANGA

IBHEKENE nokuqwala imiqansa emibili iBanyana Banyana okulindeleke ukuba ikhwele owokuqala ngokubhekana neNigeria esigabeni sesine sokuhlungela ukuya kwi-Olympics Games eFrance kusukela mhla ka-26 kuNtulikazi (July) kuya kumhla ka-11 kuNcwaba (August) nonyaka. ElaseNingizimu Afrika lizobhekana nezimbangi zalo ezinkulu iNigeria ekuhambeni mhla ka-1 kuMbasa (April), ziphinde ziqhuthane emlenzeni wesibili ekhaya mhla ka-9 enyangeni efanayo. La mazwe azobe elwela isikhala esisodwa kwezimbili ezibekelwe amazwe ase-Afrika kulo mqhudelwano.

Esinye isikhala sizothathwa ngonqobe phakathi kweZambia neMorocco. Njengoba eqhathiwe namhlanje ngoLwesithathu amaqembu ozobhekana eFrance, uma iBanyana – eqeqeshwa nguDesiree Ellis – iphumelele ukudlubulundela kwiNigeria, izobhekana nomunye umqansa njengoba izongena eqoqweni elibukeka linzima – u-group C – okukhona kulo iBrazil, iJapan nezingqwele zomhlaba, iSpain. 

Previous articleAzonyuswa ngo-R4.7% amaholo ezisebenzi zikahulumeni
Next articleAmehlo abagijimi abheke kwiDurban City Marathon