Ibhekwe ngavomvu eyokuvula ye-Afcon

298

Igcine ifenyile imizamo yabebefuna le midlalo ihlehle

IBHEKWE ngabomvu imidlalo yokuvula ye-African Cup of Nations (Afcon) ezoqala mhla ka-9 enyangeni ezayo isongwe ngomhla ka-6 kuNhlolanja (February) eCameroon. Le midlalo icishe yadungeka njengoba bekukhona abebehlo-ngoza ukuthi ihlehliselwe ngasekupheleni konyaka ozayo ngenxa yokugadla kweCoronavirus edala iCovid-19. USamuel Eto’o ohola usoseshini wase-Cameroon, ungomunye wabaphumele obala ngokuphikisana nokuhlehliswa kwalo mqhudelwano.


ICameroon izovula le midlalo ngokwamukela iBurkina Faso ngomhla ka-9 enyangeni ezayo ngo-18h00. Ngosuku olufanayo, i-Ethiopia izokhiphana inkani neCape Verde ngo-21h00. Ngakusasa ngoMsombuluko, iSenegal izodudulana neZimbabwe ngo-15h00 kuthi iGuinea idlale neMalawi ngo-18h00. IMorocco izoshukana neGhana ngo-18h00 kuthi iComoros ibhekane neGabon. IBafana Bafana ngeke ilubhade kulo mqhudelwano njengoba ihlulwe wukudlala ngokulingana emdlalweni wokugcina wokuhlunga neSudan.


Sekuwumlando nokuthi iBafana izoyibuka komabonakule nemidlalo yeNdebe yoMhlaba ezokuba ngonyaka ozayo eQatar ngemuva kokuhlulwa yiGhana ngo-1-0 kowokugcina wamaqoqo. Lo mdlalo ususe ukukhuluma ebholeni lase-Afrika njengoba bekusolwa unondweba waseSenegal uMaguette Ndiaye ngokucindezela iBafana Bafana.

  • Amaqoqo e-Afcon adidiyelwe ngalolu hlobo:- KwiGroup A: Burkina Faso, Cameroon, Cape Verde ne-Ethiopia. KwiGroup B: Guinea, Malawi, Senegal neZimbabwe. KwiGroup C: Comoros, Gabon, Ghana neMorocco. KwiGroup D: Egypt, Guinea-Bissau, Nigeria neSudan. KwiGroup E: Algeria, Cote d’Ivoire, Equatorial Guinea neSierra Leone. KwiGroup F: Gambia, Mali, Mauritania neTunisia.
Previous articleKubi koqolwe ‘yinyanga yaseNigeria’ uR522 000
Next articleINDLUNKULU NAWENDUDUZO NGOMBHISHOBHI UTUTU