INTATHELI YELANGA
SINYUKE ngamandla isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika ekoteni yesibili yalo nyaka uma kuqhathaniswa neyokuqala. Ngokwezibalo zomnyango ohlela imininingwane yezibalo eNingizimu Afrika, iStatistics SA, isibalo sabantu abangasebenzi kuleli sinyuke sisuka ku-32.9% sayoshaya ku-33.5%, okusho ukuthi wu-8.4 million wabantu abeselwe imisebenzi kuleli.
IStats SA ithi u-3.5 million (35.2%) wentsha ewu-10.3 million – ephakathi kuka-15 no-24 weminyaka yobudala kawusebenzi, kawufundi futhi kawuqeqeshelwa imisebenzi. Ithi ngokwezifundazwe, iNorth West ihamba phambili ngo-54.2% kubantu abangasebenzi, ilandelwe yi-Eastern Cape ngo-49.7% kube yiLimpopo ngo-15.7%. Abantu abampisholo yibona ababhuqwa kakhulu yindlala yemisebenzi uma kuqhathaniswa nabelinye ibala njengoba behleli ku-37.6%.