Ibhola lakuleli kaliyilutho ngaphandle kweChiefs

    1205

    NGOSIBA LUKAMKHEKHELEZI

    NJENGELUNGU leMoroka Swallows Fans Veterans Association (Mswafva), namuhla kuwuLwesibili olunzima – kwazise phakathi namabili uphethiloli uzonyuka mawala, kuhle kweBP yekhehla elaliwe yi-2000 – ngithi mangikhulume iqiniso elomile kuhle kwamaqakala ensizwa ekhohlwe wuVaselina. Ibhola laseMany Cannibals Afrika kaliyilutho ngaphandle kwabalandeli beKaizer Chiefs. Phela abalandeli beChiefs are entertaining us more than their players. Abalandeli beziMpofana sebengasungula iTV show yabo, siyibuke futhi kube mnandi kube njeya. 

    Empeleni ngisuswa yindaba yalo mdlali omusha weziMpofana, u-Efmamjjasond “The Great Khali” González, waseColombia. Ngithi mangisukume nokuxwayisa ezasePhefeni ngokuthi laba badlali bazo abanamagama angangevesi laseBhayibhelini, okubalwa kubo u-Andriamirado Andrianarimanana, waseMadagascar noBonfils-Caleb Bimenyimana waseBurundi, bafana namanzi amnyama aphehlwa yisalukazi sasegcekeni. Ngesikhathi iChiefs imemezela ukuthi ithole lo mdlali waseMadagascar, kwathi uma kubizwa igama lakhe, ngazitshela ukuthi yikhubalo lase-Antananarivo lokunqoba izinkomishi. Ithe uma isilanda lo waseBurundi, ngathi thula Silo sasemaChunwini, ngoba kuzothiwa unomona ngoba iSwallows yakho ife uhlangothi. Bayenzelani-ke iChiefs? Lutho eLuthela. Yaze yahlawuliswa iminyaka ewu-2 ingabasayinisi abadlali ngenxa yalo waseMadagascar! 

    NoGreat Khali ngimbone edlala neSundowns ngempelasonto, ngasho ngenhliziyo, ngathi: “Ewu hhe, okweziMpofana okwezandla, ukube okwezinyawo ngabe kungenela iComrades Marathon.” Singezwa-ke Zimpofana ezinhle sekuthiwa uGreat Khali usegijima koFifa nakoCourt of Arbitration for Sport, ngoba nakhu kukhona angasagculisekile ngakho, noma ikilabhu yangakubo edlala ku-regional league ithi ngumdlali wayo, iChiefs imsayinise ngonyawo lukaSifiso Hlanti njengo-Andria-bla! bla! bla! owasayiniswa ngolukaSiphosakhe Ntiya Ntiya. 

    Phela le genge yakwamanye amazwe iyathanda ukuthi uma ifike eMany Cannibals Afrika ibone ukuthi abaphathi bamakilabhu ngomampumpane nje okumele bayichathe ngemali. Buka nje i-crush yami, uShauwn “MaMkhize” Mkhize, isenkingeni ngenxa kaSamir Nurkovic, sekufanele ihlukane no-R12 million namanikiniki – okufanele ngabe ingivakashisa ngawo eDubai. We ziMpofana, tshelani mina ngitshele abelungu, kanti nachathwa yini ngabadlali bangaphandle abanamagama ongawapela usuka eThekwini uze uyongena eGoli ungawaqedile? 

    Phela igama likaGreat Khali is the 13th wonder of the world. Kuthiwa waqanjwa ngama-alphabet okuqala ezinyanga zonyaka (ngeSpanish): E – Enero (January), F – Febrero (February), M – Marzo (March), A – Abril (April), M – Mayo (May), J – Junio (June), J – Julio (July), A – Agosto (August), S – Septiembre (September), O – Octubre (October), N – Noviembre (November) D – Diciembre (December). Naye wabona ukuthi linzima leli gama wancamela ukulinqamulela, wazibiza ngoJasond. Ukube wayehlala eLamont, uBabes Wodumo ngabe waqamba ngaye ingoma yokuhlukanisa unyaka oKhozini FM. Ungikhumbuza enye insizwa yangakithi engangifunda nayo, okwakuthiwa nguNkosingihawukele. Kwakuthi uma othisha beyibuza ukuthi ingubani, ivele ithi: “Sing How Kele.” 

    Masethembe ukuthi uGreat Khali uzonginquma umlomo ngokudlala into ecokeme njengo-Adson Castillo. Hhayi ivale Cingwane ingaze ikuqhathe neziMpofana, ngiyazazi phela zifana nomuntu kadokotela, ziyashesha ukuthunukala. 

    Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

    Jasod Gonzales of Kaizer Chiefs during the 2023 MTN8 Semi Final 1st Leg match between Kaizer Chiefs and Mamelodi Sundowns on the 02 September 2023 at FNB Stadium © Sydney Mahlangu/BackpagePix
    Previous articleLubuyele enkantolo “olweKill the Boer”
    Next articleKuhlonishwe omama besizwe namakhosi esifazane