Bathotshwa wukuqashwa ukunandisa ngengoma yabo esanda kuphuma
THANDI ZONDI
UKUSEBENZA namaciko asezakhele udum ukule ndima isikhathi eside, bathi kubanike isibindi sokukwazi ukuzimela abeqembu iThe Billionaires. Leli qembu laziwa kakhulu endimeni yezokungcebeleka njengoba selike lamaketha amaciko anohlonze okubalwa kuwona uDJ Ganyani, uLady Zamar, uPrince Kaybee, uTNS, uZakes Bantwini, uNomcebo Zikode nabanye. Muva nje liqoke ukukhipha ingoma yalo yokuqala ngqa njengezithandani zobulili obufanayo ngaphansi kwenkampani yalo, iCharlie Music. Lisebenzisana noZux Maen noToshi. UNgcebo Mdima noKarabo Motlogelwa bathi yize beyizithandani zobulili obufanayo, kepha lokho kakusho ukuthi bazogxila kwimakethe ethile.
“Inhloso yethu wukunandisa,sijabulise abafowethu nodadewethu, siphinde sibelaphe ngomculo,” kuchaza iThe Billionaires. Engomeni yabo entsha ethi, ‘Yok’ba’ bathi ingeyokucebisa izithandani ukuba zibusebenzele ubudlelwano, kungabi wumuntu oyedwa ophemba zonke izinto. IThe Billionaires ithi ngoba umculo nabantu iyabahlonipha, kayizange ifune ukufana nabanye oDJ abavele badlale ama-mixtape. Ithi izinike isikhathi esenele sokufunda ngokudijeya. UNgcebo uthi eminyakeni ewu-10 ayisebenze namaciko, kuningi akuncelile kuwona, namaphutha angafisi ukuba banqwamane nawo.
“Kuso sonke lesi sikhathi engisihlale kule ndima, ngifundile ukubaluleka kokuhlonipha wonke umuntu. Yingakho namaciko engisebenze nawo ephumelele ngezindlela ezahlukene. “Kulokhu nginqume ukuba nathinze okusezinhliziyweni zethu, sibe yingxenye yamaciko ngoba siyawuthanda umculo,” esho. Leli qembu lithi libonga ukwesekwa ngaabahleli bemicimbi ngokubabhukha ukuzonandisa. tzondi@ilanganews.co.za