‘Ibingenaso isipiliyoni samaloli amabanga amade indodana’

496

Bekugonyuluka uyise womshayeli weloli yengozi yasoPhongolo, edlule nabangu-21

PHUMLANI GAMA
UPHUMELE obala umndeni womshayeli weloli eladala isibhicongo sengozi kwashona abangu-21, eGodlwayo, oPhongolo, waveza ukuthi indodana yawo ibingenaso isipiliyoni esanele sokushayela amaloli amakhulu ahamba amabanga amade. Lokhu kuvezwe nguMnu Velaphi Siyaya (76) onguyise kaMnu Sbusiso Siyaya (28) (osesithombeni) obevele eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo ngoMsombuluko, okuyilapho ethathe isinqumo sokuhoxisa isicelo sebheyili. Ngokusho kukaMnu Siyaya, uthi bekuwunyaka wesibili lona indodana yakhe iqalile ukushayela iloli.

Uthi ubeyisiza ngamaqhinga njengoba yena enesipiliyoni sokushayela amaloli ahamba amabanga amade. “Umfana wami ungumagcino ezinganeni zami eziyisihlanu. Ulandele ezinyathelweni zami zokushayela amaloli ahamba amabanga amade. Mina ngishayele ezinkampanini ezahlukahlukene kodwa kangikaze ngehlelwe wumshophi ofana nalona esibhekene nawo namuhla. “Umfana ngamfundisa ukushayela izimoto ezincane lapha ekhaya. Kuthe uma eseqale ukushayela amaloli, ngamfundisa okuningi, ngabuye ngamtshela ukuthi uma kwenzeka iphelelwa ngamabhuleki, kufanele ayikhiphe emgwaqweni.


“Nakusona lesi simo ngimbuzile ukuthi kungani engayigingqanga, wangiphendula ngokuthi ubesaba njengoba umgwaqo kawukho muhle ukusuka esibhedlela iTshelejuba uma uya edolobheni oPhongolo. “Ngokusho kwakhe, uthi wayesezame konke kwasho ukuthi indawo isiqala ukwehlela kodwa ubesezoliqeda ibanga elehlelayo aqale ukwenyukela, okuyilapho khona ibizokwazi ukuphinde ibuyise umoya emabhulekini,” kuchaza uMnu Siyaya. UMnu Siyaya utshele leli phephandaba ukuthi bekusanda kuphothulwa izingxoxo zomhlangano womndeni obekubhungwa kuwona ngezinyathelo okufanele zithathwe ‘ngenhloso yokubhekan kwabahlolayo imbangela yale ngozi.’


Okuqaphelekile kube wukuba buthaka empilweni kwabazali bakhe umsolwa okuvele ukuthi unina usebuya ngisho nasesibhedlela kulandela ukuthola umbiko wokuthi indodana yakhe ibishayela iloli, kwafa abantu. UMnu Siyaya uthe namanje unamahloni okuphumela ngaphandle komuzi wakhe. Uthi indodana yakhe ilandela ezinyathelweni zakhe njengoba naye wayeqale esemncane ukushayela amaloli ezinkampanini eziningi. Uthi indodana yakhe iyaqala ukubhekana necala selokhu ayizala. “Nansi indlu abesanda kuqala ukuyakha. Selokhu ngamzala akakaze abhekane necala.

Akaphuzi futhi akabhemi. Angazi nje ukuthi wehlelwe yini. Angazi ukuthi uSathane obevela kuphi? “Ngize ngagcina sengikhuluma kabi ukuthi uma bekujeziswa mina ngezono zami okanye yena ubengafi ngani yedwa, nginamahloni ngisho okuphumela phandle komuzi ngoba abantu bayakhuluma futhi bayangikhalela ngokungehlele. Lena yinhlekelele engakhulumeki,” esho. Uthe akulona iqiniso ukuthi indodana yakhe ibanjwe ngamaphoyisa, kodwa yazinikela. “Mina ngezwa ebusuku ukuthi indodana yehlelwe yishwa. Kwathi uma ngiyifonela ngingayitholi ocingweni, ngazitshela ukuthi nayo ishonile. Ngaze ngezwa ngakusasa isizinikele emaphoyiseni. Uma ngikhuluma nondodana, uthi kwathi uma ebona ukuthi usedale ingozi, wabaleka endaweni yesigameko.


“Uthi akalalanga kuze kwasa emi ngezinyawo esigangeni maqede walinda kwasa ekuseni wabe esezinikela esiteshini samaphoyisa asoPhongolo. Kuyiphutha okukhulunywe ngabantu bakahulumeni ukuthi amaphoyisa amthungathe ubusuku bonke. “Kalikho ngisho nelilodwa iphoyisa elingavela lithi yilona elimbophile. Ngimeluleke ukuba angabe esazixaka ngokucela ibheyili kodwa akalungele ukubhekana namacala akhe,” kusho uMnu Siyaya. “Ngiyasola ukuthi angase aphanjanelwe wumqondo umfana wami. Ngiyafisa ukuthi athole usizo lokwelulekwa ngokomqondo ngoba angikholwa ukuthi akwenzile, ukwenze ngenhloso njengoba izikhulu zikahulumeni zidukise izwe zithi iloli belisesimweni esigculisayo.


“Indodana ngiyikhulise ngenkonzo. Lapha ekhaya singamaNazaretha. Akulona iqiniso leli, indodana ibihlala ikhala njalo ngokuthi lidala kakhulu leli loli. “Ixoxele nonina ukuthi amaloli awu-8 asewonke emsebenzini wayo kodwa bonke abashayeli kabalifuni leli ebihamba ngalo ngoba bekhala ngokuthi libuye liphelelwe ngamabhuleki. “Lokhu kufakazelwe nangozakwabo enkantolo. Mina nonina sesikwamukele ukuthi sekuphelile ngomfana wethu. Esikufisayo wukuba sihlelelwe ithuba lokuhlanganisa ubuso nemindeni elahlekelwe, sidlulise amazwi enduduzo ngoba lena yinhlekelele esehlele sonke,” kusho uMnu Siyaya. Umsolwa uzobuyela kuyona le nkantolo mhla ka-25 kuMfumfu (October) kophezulu. Unezingane ezimbili kowesifazane abehlela ukuyovela kubo njengoba ubesanda kuhlawula izingane.

Previous articleUKhuzani noxhaso lwegilosa kwabaswele oNdini
Next articleUzinikele emaphoyiseni ‘oklinye wabulala unina wezingane zakhe’