“Ibiwabalekela” amaphoyisa impunyela eboshelwe elokufa komkayo

352

ZIYIKHALELE ngoLwesithathu impunyela yaseNewcastle ebifunwa uthuli ngamaphoyisa ngecala lokubulala umkayo, owadutshulwa ngoNhlaba (May). 

Kubikwa ukuthi uMnu Wiseman Mlambo (49) wasoSizweni, ubefunwa ngamaphoyisa ngokufa kukaNkk Sithembile Joyce Mlambo (39), owabulawa yizinkabi okusolwa ukuthi zazithunywe ngumyeni wakhe. 

UMlambo uboshwa nje, iNkantolo yeMantshi yaseMadadeni ibikhiphe incwadi egunyaza ukuba aboshwe, kanti kuthiwa ubewabalekela amaphoyisa.

Amaphoyisa abesekhiphe nesithombe sakhe ebesesisabalele nasezinkundleni
zokuxhumana, ecela ukufuniswa yena. 

ILANGA likhulume noMnu Phumlani Khumalo, ongumfowabo omdala kamufi, othe bakhathazekile ngokufa kukadadewabo. 

Uthe umufi ubulawa nje, wayesehlala ngokwehlukana nomyeni wakhe ngenxa yezinkinga emzini wabo. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi inkantolo ibisikhiphe incwadi egunyaza ukuba aboshwe uMlambo, wakuqinisekisa nokuthi uboshwe ngoLwesithathu.

Previous articleInkosi idilizelwe “ukungahloniphi” isihlalo
Next articleKunohlobo lwabesifazane oluthunaza isithunzi sembokodo