IBIZOQEDELA IZIFUNDO ZOBUMELI ENYE YEZINTOMBI ZEPHOYISA

606
UNKZ Nonjabulo Majozi emngcwabeni wendodakazi yakhe, uNjabulenhle (obambe izinwele) ebiyizolo eWybank. ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NESITHUNYELWE

JOHN HLONGWA
ZINGCWATSHWE ngesizotha nangokwehlukana izintombi ezimbili zephoyisa okukholakala ukuthi zadutshulwa zabulawa yilona zisemqashweni walo ngeledlule, uNjabulenhle Majozi (18) noSithembile Ngobese (24). ILANGA LangeSonto labika ngalesi sehlakalo. UNjabulenhle ungcwatshwe emathuneni omphakathi eLalakahle KwaNyuswa ngemuva kwenkonzo ebisehholo likamasipala weTheku, eWybank, kwathi uSithembile wangcwatshwa emathuneni omphakathi eNgedla, eNquthu. Inkonzo kaNjabulenhle ibidle ngomunyu njengoba phakathi nayo bekubonakala uyise uMnu Oscar Msomi nonina uNkz Nonjabulo Majozi, bechiphiza izinyembezi.


Indodakazi yabo ichazwe njengengane ebimnene, ebikhonze ukushumayela izwi lenkosi. Okhulumele abangani uLunga, uchaze umufi njengomuntu obeziqonda kangcono ukuthi ufunani empilweni. “Ngibuhlungu ukuthi namuhla ngizokhulumela abangani emngcwabeni kamngani wethu. Mina bengithi ngiyombona sengithi halala esethole iziqu ezithile, icebo leNkosi lenqaba. “Ulale kahle mngani, ukufa kungumakoti ohambe ekotiza kuyona yonke imindeni. Ingaphezulu kweshumi iminyaka singabangani naye,” esho echiphiza izinyembezi.


Uyise kaSithembile uMnu Isaac Ngobese, utshele ILANGA LangeSonto ukuthi kukhulu abekubheke endodakazini yakhe njengoba ebeyihlelele ukuthi iyoqedela izifundo zobumeli ngemuva kokuphazanyiswa yisimo semali. “Simfihle kahle noma bekubuhlungu,” esho. Uveze nokuthi lo muntu osolwa ngokubulala indodakazi yakhe ubengakaze ezwe lutho ngaye. “Ubeyiwele uSithembile, siqale safaka iwele lakhe emgodiningaphambi kokuba kungcwatshwe yena,” esho. Umsolwa uzobuyela ngomhlaka-26 kule nyanga enkantolo yase-Pinetown ukuyofaka isicelo sebheyili.

Previous articleUzibangele isigcwagcwa umsakazi weGagasi
Next articleUchashwe ngenhlamba oweChiefs