Ibongelwe nayiSilo inkosi igubha iminyaka ewu-40 isesihlalweni

338

PHUMLANI GAMA

IBONGELWE nayiSilo uMisuzulu kaZwelithini Zulu, emcimbini obungeSonto iNkosi yakwaSibiya, KwaKhiphunyawo, oPhongolo, ngokuhlanganisa iminyaka ewu-40 isesihlalweni sobukhosi.

Yethula inkulumo kulo mcimbi, iNkosi uThamsanqa Sibiya (66) (ekwesokudla esithombeni) – eyangena kulesi sihlalo ngo-1983, ngemuva kokukhothama kukayise, iNkosi u-Edward Sibiya – ithe ikhathazekile ngokungabuyi komhlaba wayo owadliwa wuhulumeni wobandlululo. 

Ithe wanikwa abanye abantu ngokungemthetho, okumanje kabafuni ukushenxa kuwona.

“Maqondana nomcimbi engenzelwe wona ngabantwana basendlunkulu, ngizizwa ngithobeke kakhulu,” kusho inkosi.

ISilo sithe kuningi esikufunde kule nkosi. 

“Ngikhulekela ukuba uNkulunkulu aqhubeke nokugcina iNkosi yakwaSibiya ngoba nami ngisayidinga eduze kwami,” kusho iSilo. 

Previous articleBayenzile indaba omakhalekhukhwini, ufonelwa nangehora labathakathi
Next articleUshintsha izintombi “ezinemali” esejele othinteka ekufeni kwephoyisa