IBucs iqhubeze indlalayezicoco ePhefeni

422

IPirates isethubeni elihle lokwandisa izindebe ngeNedbank

NHLANHLA HUDLA
I-ORLANDO Pirates iqhubekise indlala yezicoco kwiKaizer Chiefs iyiwashisa ijezi ngo-2-1 emuva kwe-extra time kwi-semi final yeNedbank Cup izolo ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium, eGoli. Amagoli ePirates abhakuziswe enethini nguKermit Erasmus ngomuzuzu ka-13 noSabelo Mthethwa ngoka-114. Elokubika leChiefs lize noYusuf Maart ngoka-79. Ukuhlulwa kweChiefs kuchaza ukuthi iyaqhubeka indlala yezinkomishi njengoba yagcina ukuqukula isicoco ngesizini ka-2014/2015. Ohlangothini lwe-Bucs, isethubeni lokwandisa eyesibili kule sizini njengoba izibule ngokunqoba iMTN8. Umdlalo wamanqamu weNedbank uzokuba ngomhla ka-27 kwephezulu eLoftus Stadium, ePitoli.


IBucs seyilinde ozonqoba phakathi kweStellenbosch FC neSekhukhune United abazogadulisana namuhla ngeSonto ngo-18h00 eDanie Craven Stadium. IBucs yagcina ukudlala owamanqamu weNedbank ihlulwa yiSuperSport United ngo-4-1 eThekwini ngesizini ka-2016/2017. IChiefs iguqe kulo mdlalo nje, yiyona obekufanele ivule inkundla kulo mdlalo ngesikhathi uChristian Saile ethola uqekelele webhola ebeligotshwe ngu-Ashley du Preez ngomzuzu ka-12, kodwa lamehlula, liphuma phakathi kwemilenze esebhokisini. Uzisolile njengoba u-Erasmus evele walibhakuzisa enethini ngoka-13. USaile ubuye wathola elinye ithuba unozinti weBucs, uSipho Chaine enza iphutha lokumphasela ibhola esebhokisini kodwa wahluleka ukulisebenzisa.


Ngomzuzu ka-38, uphinde wangqofela eceleni kwepali ibhola abeligotshelwe kahle nguDillan Solomons. Ngomzuzu, ka-44 kushayisane kabi uReeve Frosler we- Chiefs noBandile Shandu weBucs, ogcine ekhishwa ngohlaka enkundleni wayonyangwa ezindlini zokushintshela abadlali. Isiwombe sesibili iChiefs isiqale ngomfutho, kucaca ukuthi ifuna igoli lokulinganisa njengoba ibihlasela kuvalwe amehlo. Ukuphungwa ngezithebe kwe-Chiefs kube nezithelo ezinhle njengoba uMaart egcine evalele enethini ibhola alinikwe ngobuchule nguSolomons. Ukungena kwaleli goli kwenze iBucs yenza izinguquko ikhipha uKabelo Dlamini, uThabang Monare noTerrence Dzvukamanja izindawo zabo zathathwa ngu-Eva Nga, uMthethwa noMakhehleni Makhaula ngokwahlukana

Previous articleBaqhamuka nokwehlukilekwiNgoma kaZwelonke
Next articleOwoZalouthobekileesikazwakwesokuholaiNFP