Ibulawe nondlunkulu wayo inkosi “ebizingelwa” yizinkabi

332

PHUMLANI GAMA

IGCINE ibulewe nondlunkulu wayo inkosi ebizingelwa ngezulu lezandla yizinkabi KwaQomintaba, e-Utrecht, eNewcastle. 

INkosi Siphamandla Khumalo (41) (esesithombeni) noNkk Thuthukile Khumalo, uMaDlamini, behlelwe yilo mshophi ngoMgqibelo besemgwaqweni u-R34, belibangise eNquthu ebukhosini bakwaMolefe, lapho inkosi ibingesinye sezimenywa eziqavile. 

NgoLwezi (November) nyakenye, ILANGA labika kabanzi ngodaba lweNkosi uKhu-malo, emuva kokuba yasinda idutshulwa yinkabi iyongena esigodlweni sayo, iphuma ukuyobeka izingane esikoleni. 

Yahlaselwa yabaleka yangena endlini, yadonsa isibhamu sayo, yasibhekisa kowesilisa owayelokhu emjahe ngesibhamu esikhulu. 

Kubikwa ukuthi ngoMgqibelo, abafi bavukelwe ngabantu abamise imoto yabo, okuthe ingakami, baqala ukudubula bebhekise enkosini nondlunkulu wayo. 

Kuthiwa lokhu kwenzeke phambi kwengane yabafi eneminyaka emine ubudala. 

Leli phephandaba lithole ukuthi simuncu isimo emndenini nase-mphakathini wesizwe sakwaKhumalo. 

Umfowabo wenkosi, uMnu Bonga-ni Khumalo – okhulumela umndeni wasendlunkulu – uthe indlunkulu kanye nesizwe bashayeke kakhulu ngokulahlekelwa ngabaholi. 

“Okubi wukuthi umfowethu ubulawa nje, ubesanda kuzanywa ngonyaka odlule. 

“Bakhona abantu abathathu ababoshwa kulo nyaka. Ngikhuluma nje, mhla ka-16 kuMfumfu (October), badedelwa ngoba kuthiwa ubufakazi kabuhlangani. 

“Kayiphelile ngisho inyanga bededeliwe, umfowethu usebulewe. 

“Konke sikubeke ezandleni zamaphoyisa ukuba aqinisekise ukuthi izigilamkhuba ziyabanjwa, zigwetshwe,” kusho uKhumalo. 

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ukhiphe isitatimende ekhalisana nomndeni wakwaKhumalo. 

“UKhumalo ubengumholi osebenza ngokuzikhandla ngenhloso yokuqinisekisa inhlalakahle yabantu bakhe,” esho. 

Amaqembu ezombusazwe, okubalwa ku-wona i-DA ne-IFP, adlulise amazwi oku-zwelana nomndeni wakwaKhumalo. 

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Mngadi, uthe lo mnyango uyasigxeka kakhulu lesi sigameko. “Sizwelana nomndeni wakwaKhumalo kulesi sikhathi esinzima,” kusho uMngadi. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseKingsley, aphenya amacala amabili emuva kwesigameko sokudutshulwa kowesilisa nenkosikazi yakhe. 

Uthe kulesi sigameko kusinde ingane eneminyaka emine ubudala, (ebihamba nabafi).

Previous articleImpi ye-Israel nePalestine ikhombisa ubuthaka be-UN
Next articleIGcokama Elisha nenselelo kumasipala ukuhlonipha uMgqumeni