NONHLAKANIPHO SHINGA KUNENHLASI yethemba emphakathini waseMaphaya, eJozini, osuhlale iminyaka eyishumi namapayipi amanzi okwachithwa imali engango-R150 million, ethengwa ko-dwa agcina engasebenzanga. Lo mphakathi ubugcina ngo-kubuka lamapayipi ehleli esiga-ngeni yonke le minyaka ungena-wo amanzi kwezinye izindawo. NgoLwesibili imeya kumasi-pala wesiFunda uMkhanyakude uMnu Siphile Mdaka, uhambele lo mphakathi othe usukhathele izethembiso, usufuna ukubona izenzo ngoba uma kufika ubuholi obusha bugijima buzowunika izethembiso ezigcina zingafezekile. ILANGA labika ngodaba lwamapayipi amanzi okwakumele afakwe asabalalise amanzi eJozini aze ayofika eMbazwana, Kwa-Mhlabuyalingana, kodwa agcina ehlale lapho ayebekwe khona okuze kube yimanje. UMnu Mdaka, uthi udaba lwalamapayipi lwaba yihlazo kuhulumeni wesifundazwe nakuwona umasipala uqobo, kanti sekufike isikhathi sokuthi le mali eyasetshenziswa ngesikhathi ethengwa kubekhona ekwenzayo.
“Imali engango-R150 million, ngonyaka ka-2012 yayinkulu kabi, namanje isenkulu kuyasijabulisa ukuthi kusukela ngenyanga ezayo uzoqala umsebenzi kule ndawo. La mapayipi awu-8 000 azosetshenziswa ekwakheni ulayini ozosuka eJozini uze uyofika eMbazwana,” kusho yena. Ngesikhathi ehlangene nomphakathi ukhale ngokuthi amanzi ayaphuma kwezinye izindawo kwezinye angaphumi kuze kuphele isikhathi eside. UMnu Mdaka uthe njengoba bebekule ndawo nje bebehamba nonjiniyela abaqale bawahlonza lamapayipi, bathola ukuthi ase-simeni esikahle ukuthi asengasebenza. Ngokombiko abanawo kuvela ukuthi kwagcina kusebenze amapayipi awu-100 kuphela.
UNkz Nora Mthembu, unxuse ubuholi balo masipala ukuba bubalungisele ngokushesha ngoba inzima impilo yokungabi namanzi bebe bewakhomba eduze edanyini elikhulukazi iJozini. UMnu Mdaka, nethimba lakhe bebehambela izigodi ezahlukene njengokuthembisa kwakhe ngesikhathi ayehambele imiphakathi eyolalela izikhalo nezidingo zawo. NgoLwesibili baphinde bahambela khona eJozini eNondabuya lapho kwakhiwa khona izigcinamanzi okumele zethulwe emi-phakathini kungekudala. Uhambo lwabo baluphethe eHlokohloko kwaMhlabuyalingana lapho umphakathi wakhona ukhale ngesigcinimazi esakhiwa sasebenza amasonto amathathu kuphela. nonhlakaniphos@ilanganews.co.zaUMNU