IBUYISE ITHEMBA ICHIEFS INQOBA OWELIGI

386

SENZO SOKHELA
IBUYISE ithemba ngokufeza isifiso sayo iKaizer Chiefs egijime umdlalo omqoka weDStv Premiership isivelelwe wumshophi kulimala uKeagan Dolly ongukaputeni wayo. IChiefs iguqise iChippa United ngo-1-0 koweligi izolo ngoLwesine ntambama eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha. Igoli okunqobe ngalo iChiefs livalelwe enethini ngu-Ashley du Preez ngomzuzu ka-72. Lo mphumela ubuyise ithemba kwiChiefs njengoba ikubeke kwacaca ukuthi ifuna ukuqeda ilele endaweni yesibili kwi-log ukuze igijime kwiCaf Champions League ngesizini ezayo. Kumanje ihleli endaweni yesine. IChiefs igijime lo mdlalo isimemezele ukuthi ivelelwe wumshophi kulimala uDolly, okuthiwa ngeke esabonakala kule sizini.


Indawo yakhe kulo mdlalo weChippa ivalwe nguHappy Mashiane. U-Arthur Zwane, ololonga iChiefs, uthi konke kuhambe ngokohlelo lwabo kulo mdlalo. “Iqhinga ebesize nalo kulo mdlalo lisebenzile. “Ngesiwombe sokuqala sikhombise ukuzimisela, sakha inqwaba yamathuba.
“Ngesikhathi sekhefu ngizamile ukubakhuthaza abadlali ukuba baqhubeke nokufuqa. “Ngenhlanhla, inkosazane yenhlanhla ibe ngakithi sakwazi ukuthola igoli. “Okungijabulisayo wukuthi kasingenelwanga yigoli. “Ngiyababongela abafana bami; ngethemba ukuthi sizoqhubeka nokwenza kangcono nasemidlalweni esisazoyidlala,” kusho uZwane. ULehlohonolo Seema, ololonga iChippa esengcupheni yezembe, uthi ngeke abasole ngalutho abadlali bakhe. “Abafana benze kahle kakhulu, balwile kulo mdlalo, saba nebhadi lokungenelwa yigoli. “Kodwa-ke sizolwa; sizoya kolandelayo neRichards Bay sinomfutho,” kusho uSeema

Previous article2 MAY 2023
Next articleBabanjiswe wucingo abasolwangokubulala uthishanhloko