Yayimiswe mayelana nezinsolo zokudliwa bume kwemali yabakhokhintela
PHUMLANI GAMA
IBUYISELWE ngoshova yimeya ehhovisi layo imenenja kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, uMnu Mxolisi Nkosi, eyamiswa ngu-mlawuli, uMnu Bamba Ndwandwe emasontweni amathathu adlule mayelana nezinsolo zokudliwa bume kwemali yabakhokhintela kulo masipala osewagqama ngezinkinga, ezaqala le menenja ingakabikhona.
Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA labika ngokumiswa kukaMnu Nkosi okwavela ukuthi wavuka waya emsebenzini njengenhlalayenza, wathi uma efika wazithela phezu kwencwadi emkhomba ekhaya ukuze kuzoqalwa uphenyo mayelana nombiko wo-mcwaningi-mabhuku owaveza ukuthi iningi kakhulu imali elahlekile kulo masipala.
ILANGA lithole ukuthi iMeya yaseMkhanyakude, uMnu Tim Moodley, yabhala incwadi evuthayo ngeledlule iyibhekise eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZu-lu-Natal, lapho yaveza ukuthi iyaphikisana nokumiswa kwalesi sikhulu ngoba yona namanye amakhansela kabaziswanga ukuthi kuzoqalwa uphenyo.
UMnu Moodley oyikhansela elithunywe yi-IFP kulo masipala usole uMnu Ndwandwe ngokusebenzisa budlabha amandla awanikwe ngungqongqoshe walo mnyango, uMnu Sipho Hlomuka.
Oshicilelweni lwaphambilini, uMnu Makhosonke Sithole ohola i-IFP kulo masipala, watshela leli phephandaba ukuthi bona kabaha-mbisani nokumiswa kukaMnu Nkosi ngoba kababizwanga njengamakha-nsela ukuze ezobekwa izinsolo zenko-hlakalo emuva kwalokho kuthathwe isinqumo.
Ekhuluma neLANGA uMnu Moodley, uthe unqume ukumbuyisela emsebenzini uMnu Nkosi ngoba ukumiswa kwakhe kuphambene nomthe-tho.
“Mina ngiyimeya yalo masipala, ngakhethwa ngamakhansela ehlangene, akukho okufanele kwenziwe ku-wona ngaphandle kwami. Kumanje kuphasiswe isabelomali ngaphandle kwami ngoba bengingaziswanga ngomhlangano ukuze ngizilungiselele.
“Nokho-ke kangikwazanga ukungena ngoba ngihlushwe wubuhixihixi bezokuxhumana. Akukho okufanele kwenziwe ngaphandle kwami. Kuyiqiniso ukuthi abantu baseMkhanyakude badinga izinsiza zentuthuko, kodwa kunabantu abafana nomlawuli abanesikhathi sokuganga.
“Umlawuli usebenzisa budlabha amandla anawo. Ngeke kwenzeke intando yakhe lapha ngaphandle kwami ngoba ngiyimeya yalo masipala,” kusho uMnu Moodley onesikhathi esingaphansi kwezinyanga eziwu-5 ekulesi sikhundla esemukwa uMnu Solomon Mkhombo we-ANC emuva kokuba amakhansela avotela ukuba akhishwe.
UMnu Nkosi utshele ILANGA ukuthu wayevele emelulekile uMnu Ndwandwe ngokuthi akanawo ama-ndla okummisa ngoba umasipala usaphethwe ngamakhansela, okusho ukuthi izinqumo ezibalulekile zithathwa emihlanganweni yawo.
“Ngaphambi kokuba angimise, waqala wangitshela ezinsukwini ngemizwa yakhe yokungimisa emkhandlwini. Ngamchazela kahle ukuthi akana-wo amandla okungimisa ngoba umkhandlu wamakhansela kawuhla-kaziwe. Waqhubeka nokungimisa.
“Mina ngabika kwimeya ngoba ngazi ukuthi ingumeluleki wami lapha emsebenzini, yiyona futhi engiyalele ukuba ngibuyele emsebenzini. Nokho-ke nayo kayizithatheli izinqumo, kodwa kufanele kuqale emkhandlwini wamakhansela kube yiwona othatha isinqumo yona (imeya) imemezele imiphumela. Ngikhuluma nje ngisehhovisi, ngibuye emsebenzini ngoMsombuluko,” kusho uMnu Nkosi.
UMnu Ndwandwe uthe ukubuya nokungabuyi kukaMnu Nkosi akusho lutho kuyena ngoba kwamanje udaba lwakhe lusenkantolo.
“Udaba lukaMnu Nkosi lusenkantolo, kusalindelwe isinqumo sayo. Ngicela ukuphelela lapho,” kusho uMnu Ndwandwe.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu Kwa-Zulu-Natal, uMnu Senzelwe Mzila, uthe akukho okuzophawulwa wumnyango ngoba bonke omasipala banikiwe amandla okuzithathela izinqumo ngezinguquko abasuke befuna ukuzenza. Uthe umnyango uyaye ungenelele ngokuthumela umlawuli uma kunezinkinga.
www.ilanganews.co.za