SKHOSIPHI MTHEMBU
KUSUKE isixakaxaka eNkantolo eNkulu eThekwini ngoLwesine, qede yaphucwa amanothi eyawabhala ngesikhathi kufakaza umfowabo ingoduso kanjiniyela owabulawa, uMnu Nkosi Langa, owatholwa esengamathambo oZwathini, eNdwedwe ngo-2020.
NgoLwesine umshushisi Krishen Shah, uthukuthele wathelwa ngamanzi qede wamisa uNkz Nompumelelo Goncalves (osesithombeni nomufi), ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe “ekopela” ephepheni abhala kulona okwakushiwo ngumfowabo, uMnu Nkosinathi Zungu, ongumsolwa wokuqala kuleli cala.
Kusolwa ukuthi umufi wakhelwa uzungu lokubulawa yingoduso yakhe ihlangene nomfowabo nenkabi, uJames “Ramaphosa” Mashudu, owalivuma icala, wagwetshwa iminyaka ewu-20, emuva kwalokho waphenduka ufakazi wombuso. URamaphosa watshela inkantolo ukuthi konke ababekwenza, babeyalelwe yingoduso yakhe umufi.
Ngesikhathi ingoduso yethula ubufakazi bayo, beyibonakala ifunda okusapheshana obekuphambi kwayo, ngaphambi kokuba iphendule imibuzo.
Umshushisi usukume watshela iJaji elibambile, uBonke Dumisa, ukuthi ingoduso kamufi iyafunda ngaphambi kokuba iphendule imibuzo, okuyinto engamukelekile. Uveze ukuthi ngesikhathi kufakaza uZungu, ingoduso kamufi yayibhala phansi ayekusho.
Ijaji libe selikhipha umyalelo wokuba athathwe amaphepha ebikopela kuwona ingoduso. Ngemuva kokuphucwa amaphepha, iqhubekile yathula ubufakazi bayo. Ithe yize babenezinkinga nomufi kodwa babelungisela umshado wabo owawuzoba ngoZibandlela (December).
Itshele inkantolo ukuthi ngomhla ka-27 kuMandulo (September) 2020, yaba nengxabano nomufi, eyaholela ekutheni ayivalele isango ntambama ibuya emsebenzini. Ithi ngalolu suku yabuya emzini wabo isango likhiyiwe, okwathi uma ishayela umufi ucingo, wayitshela ukuthi mayiphindele lapho ephuma khona.
UNkz Goncalves uthi wabe eseya emaphoyiseni eyobika, amnika imvume yokuthola abangamvulela isango. Uthe wazama ukuthola inkampani ezomvulela, kodwa yabiza imali ayengenayo, wabe eseshayela umfowabo ukuba ayomsiza amvulele.
Iqhube ngokuthi lokhu abakwenza kokuzivulela isango, kwamcasula umufi baze baxabana.
Icala liyaqhubeka. www.ilanganews.co.za