Ichazwe njengesipho esivela kuMdali iNkosi uButhelezi

668

NONHLAKANIPHO SHINGA

IKHOKHASI ye-IFP eSishayamthetho saKwaZulu-Natal, osotshwebhu, nezisebenzi eziqashwe yihhovisi le-IFP, bazwakalise ukwephukelwa yizinhliziyo ngokudlula emhlabeni kweNkosi uMangosuthu Buthelezi. 

Bakhalisene nomndeni wakwaButhelezi, iSilo uMisuzulu kaZwelithini, iNdlunkulu kaZulu ngokudlula emhlabeni komsunguli waleli qembu futhi obengundunankulu kaZulu. 

“Njengoba isisho sesiZulu sisho sithi, uwile umuthi omkhulu, sigebisa amakhanda, siphakamisa izandla sizibhekisa kongabonwayo. Sibonga isipho abesiphe sona ngeNkosi yakwaButhelezi, uMntwana waKwaPhindangene. 

“Kasidingi nokuchaza ukuthi ibingubani, esingakusho nje wukuthi iNingizimu Afrika ilahlekelwe ngumholi nomuntu omdala
ebesibukela kuye. 

“Ubengumuntu osebenza ngokuzikhandla futhi enombono ngendlela eyisimanga. 

“Ngiqale ukusebenza noMntwana ngisemncane kakhulu, kwaze kwaba uyadlula emhlabeni. 

“Umalume, uMnu Sibabi kaMgqibelo Gwala, wasebenza neNkosi uMathole Buthelezi kanti nokhokho wami uMnu Khilane Gwala, wasebenza kakhulu
ngaphansi kweNkosi uMnyanama kaNgqengelele Buthelezi,” kusho uMnu Blessed Gwala (osesithombeni) ongusihlalo we-IFP kuzwelonke. 

UShenge uqale ukusebenza njengondunankulu kaZulu
ngo-1954. 

“Uzimisele kakhulu ngesikhundla sakhe sobundunankulu kwaze kwaba ufika ekupheleni kwempilo yakhe. 

“Ubeyisipho esikhulu kulesi sizwe kanti sikhulekela ukuthi uJehova asiphe amandla okukwazi ukuqhubeka nempilo, yize noma singaphansi kwefu elimnyama. 

“Sengathi umphefumulo wakhe ungaphumula ngokuthula,” kusho uGwala. 

Owengamele ihhovisi le-IFP, uMnu Mfanje Mbango, uthe kuningi azokukhumbula
ngoShenge njengoba ebesebenza kakhulu naye. 

“Ngisebenze naye iminyaka engaphezulu kwewu-20. Njengoba bengijwayele
ukuhamba naye, ngifunde indlela abezithoba, futhi ezehlisa zikhathi zonke. 

“Ubengumuntu onesiphiwo sokulalela nokukwazi ukubona isimo noma ngabe kukuphi. 

“Besike sibe semhlanganweni, uthole ukuthi kuphakama imimoya, athule nje abheke phansi. Ubungaze ucabange ukuthi ulele, kanti lapho ekhuluma khona ubeqhamuka nesixazululo. 

“Kuyena ngifunde ukuthi noma yini oyenzayo, uyiqophe phansi, futhi ubenomqondo ongakhohlwa. 

“Ubekwazi ukukhumbula  into eyenzeka eminyakeni engaphezulu kwewu-50 ayisho, ngokulandelana kwamagama. 

“Kawukho umlando kasopolitiki abengawazi kanti, ubenanesiphiwo sokuthi into ayishilo, yenzeke njengokusho kwakhe,” kusho uMbango.

Uthe uShenge ubekholelwa ekunikeleni ngisho nasemabandleni abengakhonzi kuwona, kanjalo nakubantu abeswele.

Previous articleIsethembiso sowe-IFP ngomlando kaShenge
Next articleAmanyuvesi ababaze amagalelo kaShenge