ase-Egypt. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
SENZO SOKHELA
ISENGCUPHENI yokulahlekelwa yisibabuli somgadli iKaizer Chiefs njengoba kuvela ukuthi uSamir Nurkovic waseSerbia, ugaqelwe yizinkunzi zamakilabhu ase-Egypt azimisele ukukhipha itshe lemali ukumthenga.
IChiefs isematheni e-Afrika kulezi zinsuku njengoba ifinyelele kowamanqamu weCaf Champions League. Izobhekana ne-Al Ahly kowamanqamu ngomhla ka-17 kuNtulikazi (July) eMorocco.
ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi iChiefs ingase ilahlekelwe nguNurkovic okuvela ukuthi ufunwa yi-Al Ahly neZamalek okungamakilabhu amakhulu ase-Egypt.
“Indlela uNurkovic adlale ngayo bachazekile abaphathi be-Al Ahly nabeZamalek njengoba sebemfuna. I-Al Ahly ike yamfuna vele phambilini kodwa manje isimbone ngenye indlela, yingakho isiqale phansi. Kodwa-ke konke kuzoncika ekutheni iChiefs iyavuma yini ukumdayisa. Ngizwile ukuthi ifuna u-R30 million kuya phezulu ngaye,” kusho umthombo waleli phepha-ndaba oncikene kakhulu neChiefs.
Leli phephandaba lishayela uVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ngalolu daba, uthe: “Ngeke ngikwazi ukuphawula nga-lolu daba ngoba ikilabhu ibheke kowamanqamu, kasifuni izinto ezizosiphazamisa.
“Noma ngabe ikhona ikilabhu emfunayo ngeke nje siyingene leyo nto (okwamanje). Mhlawu-mbe-ke emuva komdlalo wama-nqamu (singayibheka) kodwa hha-yi njengamanje.”
Ilukuluku liphezulu kubathandi beChiefs ngalo mdlalo njengoba benethemba lokuthi ezabo zizowu-nqoba ukuqeda ukuklolodelwa yizimbangi zabo ezinkulu, i-Orla-ndo Pirates ngokuthi kayikaze iyiqukule le nkomishi engenkulukazi kwezidlalelwa ngamakilabhu ase-Afrika.
Le ndebe iBucs iyinqobe ngo-1995 kanti iMamelodi Sundowns ibe ngeyesibili ukuyinqoba ngo-2016, ihlula iZamalek kowamanqamu.