IChiefs ibambe umoya ngoKhune

825

SENZO SOKHELA

Uphindele egunjini labalimele

NGU-ITUMELENG Khune ongukaputeni weChiefs obuyele egunjini labalimele ngemuva kokulimala le kilabhu ihlula iBaroka ngo-1-0 ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium, eGauteng. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IBAMBE umoya iKaizer Chiefs ngonozinti wayo okuvela ukuthi usephi-nde wabuyela egunjini labadlali abalimele.
IChiefs ijabulise abalandeli bayo iguqisa ngo-1-0 iBaroka kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium, eSoweto.
IChiefs inqobe lo mdlalo ngegoli elibhajiswe ezintanjeni nguLebohang Manyama. Nokho leli goli lishayise amakhala njengoba belibukeka liyi-offside.
IChiefs igqemeke ingozi u-Itumeleng Khune ekhishwa ngomzuzu ka-24 edonseka imisipha ethangeni. Indawo yakhe ithathwe nguDaniel Akpeyi ongene wagila izimanga waze waqokwa njengomdlali ovelele.
Kuvela ukuthi uKhune kungenzeka angabonakali iChiefs ibhekene neLamontville Golden Arrows koweligi kusasa ngoLwesibili ngo-19h30 eFNB Stadium.
UKhune ulimala nje, usanda kushaya ibuya njengoba eke wahlala izinyanga ezinhlanu engadlali ngenxa yehlombe. NoGeorge Maluleka naye kuthiwa kungenzeka angabonakali njengoba naye engawuqedanga umdlalo ngenxa yokudonseka amamasela ethangeni.
U-Ernst Middendorp ololonga iChiefs uzwakalise ukungenami ngezinto ezithile ezenzeke kulo mdlalo.
“Ngijabule ngomphumela kodwa angeneme neze, asidlalanga ngendlela esijwayele ukudlala ngayo.
“Kungenzeka ukuthi kwenziwe wukuthi besinomdlalo ngeledlule njengoba sesibhekene nalona. Kodwa-ke sijabule ngamaphuzu esiwatholile. Okubi nje silinyalelwe ngunozinti uKhune kwangena u-Akpeyi osisize ngendlela eyisimanga.
“Abalandeli abebemungabaza u-Akpeyi ngikholwa wukuthi bazibonele kulo mdlalo, uma bengabonanga akukho engingabasiza ngakho. Naye uyadinga ukwesekwa njengabo bonke abadlali,” kusho uMiddendorp.
Uzwakalise ukungenami ngabalandeli abamuhhewulile ekhipha uKearyn Baccus ngesiwombe sesibili wafaka uHappy Mashiane obese kunesikhathi eside egcine ukubonakala. “Abalandeli bahlezi bebahle ngaso sonke isikhathi kodwa abakwenzile akwehlanga kahle.
“UBaccus ubefuna ukuphuma ngesikhathi sekhefu ngoba ubengazizwa kahle kodwa samulindisa. Uma sengimuphumuza abalandeli abangu-20 000 bonke bayangihhewula. Sizothini kodwa, kufanele siluhloniphe uphawu lweChiefs ngoba lukhulu,” esho.
UWedson Nyirenda ololonga iBaroka uthi abazange babe nayo inhlanhla kulo mdlalo.

  • Isiyonke imiphumela ye-Absa Premiership imi kanje: Leopards 1, Celtic 0; Highlands 2, Polokwane 0; SuperSport 1, AmaZulu FC 0; Chiefs 1, Baroka FC 0; Arrows 2, Stellenbosch 2; Pirates 3, Cape Town City 3; Maritzburg 1, Chippa 0.
  • EyeGladAfrica Champions: Cosmos 0, Richards Bay 1; Kings 3, Tuks 3; Cape Umoya 2, Steenberg 1; Ajax 2, Eagles 1; uThongathi 0, Free State 3; Mbombela 0, Tshakuma 0; TS Sporting 0, JDR 0.

Previous articleuPHOXILE UGONYA EHLULWA YIBHOKISA LASETANZANIA
Next articleUbona ingozi owamaBoks