IChiefs ibuye sekuvalwe amehlo

194

SAZI MAJOLA MKHWANAZI

ITHELE muva njengembumba sekuvalwe amehlo iKaizer Chiefs ibambana neMagesi FC ngo-2-2 koweBetway Premiership namuhla ebusuku ePeter Mokaba Stadium. Inkundla ivulwe nguWonderboy Makhubu ngomzuzu ka-6, igoli lakhe lelanywa ngelika-Edmore Chirambadare ngoka-72.

NGUMDUDUZI Shabalala ejabulela igoli lakhe lesibili. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ibuyile iChiefs ngonyawo lukaMduduzi Shabalala ngomzuzu ka-77 noka-78. UShabalala – ojabulise abalandeli beziMpofana – ugcine eqokwe njengomdlali wosuku. Lo mphumela usindise abalandeli beChiefs ekubeni yihlaya kwazise bebehleka usulu izimbangi zabo ezinkulu, i-Orlando Pirates emuva kokuba zikhishwe yiMagesi kwiCarling Knockout Cup, izithela u-3-2.

Ibuye ngolaka iSundowns

IMamelodi Sundowns ebuya endukwini ka-1-0 ewuthole kwiPolokwane City koweligi, ivuke indlobane ibhubhisa iCape Tpwn City ngo-3-0. Lo mphumela uyenze yaqhubeka nokuphefumula kanzima emhlane wePirates esesicongweni seligi.

NGUPETER Shalulile weDowns exinwe nguKeanu Cupido weCity. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Kubukeka uPeter Shalulile ethole amakhokho amasha njengoba eshayele ezakhe amagoli amabili, elinye leza noRibeiro Costa. U-Aprocius Petrus weCity uthole ikhadi elibomvu kulo mdlalo ngomzuzu ka-80.

Iguqile iRoyal AM

Iqhubekile nokuthela induku iPolokwane City iguqisa iRoyal AM ngo-1-0 wegoli likaBonginkosi Dlamini, eHarry Gwala Stadium. IPolokwane inqoba lo mdlalo nje, isanda kushaya iDowns. I-AM yona ibihlule iSekhukhune, obekuwumdlalo wayo wokuqala iqoqa amaphu aphelele emidlalweni wu-6.

SuperSport United 0 – 0 Golden Arrows.

Previous articleUMbhishobhi uNkambule wethulele umkakhe ongasekho isigqoko
Next articleI-SAFA yeseka uMotsepe ukuthatha ihlandla lesibili kwiCAF