IChiefs icathamela unozinti weBafana

1262

Bakhala ngokulimala njalo kuka-Itumeleng KhuneIMALI

SENZO SOKHELA

UNOZINTI weBafana Bafana neSuperSport United, uRonwen Williams kuvela ezithi ufunwa yiKaizer Chiefs njengoba
inkontileka yakhe neSuperSport iphela ngale sizini.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IKAIZER Chiefs icathamela unozinti wakuleli oseqophe-lweni eliphezulu okuvela ukuthi unomdonsiswano nekilabhu yakhe ngendaba yenkontileka.
IChiefs izobhekana neCape Town City kowe-last 16 yeTelkom Knockout ngoMgqibelo ngo-15h00 eCape Town Stadium.
Leli phephandaba lihoshe ngomthombo walo ukuthi le kilabhu enomlando ohlonishwayo ebholeni lakuleli, icathamela uRonwen Williams (27) okuvela ukuthi uphelelwa yinkontileka neSuperSport United uma kusongwa isizini.
UWilliams kuvela ukuthi kunomdonsizwano anawo neSuperSport ngodaba lwenkontileka entsha.
Umthombo waleli phephandaba uthe: “IChiefs ayigculisekile kahle ngonozinti njengoba u-Itumeleng Khune elimala njalo izibona ixega emapalini.
“Izwile ukuthi uWilliams unenkinga neSuperSport yabe isithinta umphathi wakhe imazisa ukuthi ingajabula uma engamuletha kubona futhi bazomnakekela ngokweqophelo eliphezulu.
“Uthembise ukubuya kuyona uma izinto zingalungi kwiSuperSport,” kusho lo mthombo.
Imizamo yokuthola uBobby Motaung oyimenenja-jikelele yeChiefs ukuzwa ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.
ULance Davids ophethe izindaba zikaWilliams, ukuqinisekisile ukuthi akhona amakilabhu ake amthinta ngalo mdlali.
“Akhona amakilabhu ake angithinta akuleli okukhona kuwona nenkulu.
“Njengamanje sisaxoxa neSuperSport, silinde yona ibuyele kithina.
“Sizimisele ngokunika yona ithuba kuqala ngoba lo mfana kufana nokuthi yikubo kwiSuperSport njengoba efike emncane kuyona.
“Uma kungalungi sizobe sesidlulela phambili, sibheka okubekwa ngabanye etafuleni,” kusho uDavids.

Previous articleBafuna aphendule uMaimane
Next articleUzoqopha umlando enzela abafundi